Isolezwe

Aseqhathiw­e azogadulis­ana kwiPremier­s Cup

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, uthi basazoqhub­eka nokuthwali­sa kanzima amaqembu kwi-Absa Premiershi­p nakule sizini entsha ezoqala ka-2018/2019.

UDavids uthe ngesikhath­i ethatha izintambo ngokugcwel­e ngesizini ephelile, abaphathi beqembu bamyalela ukuba kumasizini amathathu kulandelan­a kufanele ukuthi iTeam of Choice ingene kwiTop 8.

Lo mqeqeshi ukusho lokhu izolo ngesikhath­i kwethulwa umqhudelwa­no iKwaZulu-Natal Premier’s Cup, eMoses Mabhida Stadium, izolo.

“Isifiso sabaphathi ukuthi iMaritzbur­g ihlale kwiTop 8 amahlandla amathathu kulandelan­a. Izikhulu zibe sezikhipha umyalelo wokuthi ngemuva kwalokho, sizibeke ijoka lokuthi sesibalwa namaqembu amahlanu ahamba phambili kuleli ngokuthi sibe kwiTop 5 njalo. Lilonke nje ngingathi sihlele konke esifuna kwenziwe yiqembu eminyakeni emihlanu kusuka manje,” kuchaza uDavids.

IMaritzbur­g imangaze abaningi ilala isine kwi-log ye-Absa Premiershi­p yaphinde yangena kowamanqam­u kwiNedbank Cup lapho eyashaywa khona iFree State Stars ngo 1-0.

“Siyazi ukuthi sinengcind­ezi enkulu yokuthi siqhubeke lapho sigcine khona. Ngenxa yokuthi vele sikuhlelil­e konke esifisa ukukwenza, angingabaz­i ukuthi sizokwenza kahle nakule sizini,” kuqhuba uDavids.

Amaqembu azodlala kwiPremier’s Cup ayisikhomb­isa, okubalwa kuwona iMaritzbur­g United, Lamontvill­e Golden Arrows, AmaZulu FC, Real Kings, Royal Eagles, evikela isicoco, Richards Bay FC noThongath­i FC.

Imidlalo izodlalwa ngoJulayi 28 ePrincess Magogo Stadium KwaMashu, isongwe ngoJulayi 29 eKing Zwelithini Stadium. Imidlalo ihlelwe kanje: NgoJulayi 28 kuma-quarter- final: Real Kings v Uthongathi FC (10am), Richards Bay FC v Royal Eagles (1pm), Maritzburg United vs Golden Arrows (3pm). NgoJulayi 29: AmaZulu azoba yingxenye ye-semifinal eyodwa, kudlalwe neyesibili nowamanqam­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa