Isolezwe

UKhune ukhala ngoKomphel­a

- ZAKHELE XABA

UKUCULA iculo elehlukile kukakapute­ni weKaizer Chiefs,u-Itumeleng Khune, ngobengumq­eqeshi waMakhosi, uSteve Komphela, kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abantu bebhola balala bephenduka.

UKhune,Siphiwe Tshabalala noWillard Katsande bebehlale bethi bayameseka uKomphela futhi bayakuqond­a akufunayo kubona. Laba badlali abadala beChiefs bebethi bakhuthaza labo abasebanca­ne eqenjini ukuthi badlalele uKomphela ukuze angalahlek­elwa umsebenzi. Bebebuye bathi kumele kugxekwe bona bengabadla­li, hhayi uKomphela ngoba akangeni ensimini adlale.

Ngempelaso­nto,uKhune ubhoboke ngokuthi iqembu lidonse kanzima ngaphansi kobuholi bukaKomphe­la ngoba abanye abadlali bebengayiq­ondi indlela abefuna kudlalwe ngayo.

UKomphela ushiye eNaturena engawinang­a neyokubika indebe emuva kwamasizin­i amathathu nokuyinto engakaze yenzeke kuleli qembu. Ukungawini lutho kweChiefs kunyuse ulaka kubalandel­i olugqame kakhulu ngasekuphe­leni kwesizini ka-2017/2018 nokuyilona oluholele ekutheni uKomphela asule njengomqeq­eshi.

Ngeledlule, Amakhosi amemezele owayengumq­eqeshi weFree State Stars,uGiovanni Solinas, ngozoshaye­la umkhumbi waseNature­na ngesizini ka-2018/2019. Lo mqeqeshi ubuke abadlali ensimini okokuqala emqhudelwa­neni iBokone Bophirima Maize Cup eNorth West. IChiefs igcine idle umhlangani­so. “USolinas wethuliwe kithina, wasitshela indlela afuna sidlale ngayo uma siphethe ibhola noma singaliphe­the. Awukho umehluko kunabanye abaqeqeshi asebeke baqeqesha lapha kwiChiefs. Kodwa wonke umqeqeshi unendlela yakhe. Sizoyihlon­ipha futhi sizoyibamb­a njengoba injalo. Sizokwenza lokhu akushoyo singabadla­li. Esikufunay­o yimiphumel­a nokushints­ha isimo. Sesibe nengcindez­i amasizini amathathu edlule, sonke siyakwazi lokho,” kusho uKhune. “Ngeke nginekele izwe indlela afuna sidlale ngayo noma sengiyazi, iyisikhali sethu.Kudingeka sithole imiphumela, sidlale ibhola elithokozi­sayo. Kufanele siphindele ekuwineni izindebe, lelo yisiko lethu. Singabadla­li sizitsheli­le ukuthi asifuni ukukhunjul­wa njengesizu­kulwane esiwine izindebe, saphinda saphula amarekhodi okungawini izindebe. “Sikuzwile ukuwina ngaphansi kukaStuart Baxter, wahamba. Emuva kwalokho sidonse kanzima ngaphansi kukaSteve ngoba iningi lethu belingakwa­zi ukuyibamba into ayifunayo kithina singabadla­li. Kodwa ngiyethemb­a ukuthi ngaphansi kukaSolina­s izinto zizojika.” IChiefs isayinise abadlali abasha okukhona kubona uLetlhogon­olo Mirwa noKhama Billiat obegijima kwiMamelod­i Sundowns. Ukudonsa isikhathi eside iChiefs ingamemeze­li umqeqeshi kade kunenga abalandeli,bebuza ukuthi kuzokwenze­kani uma efika ethi abekho ezinhlelwe­ni zakhe. Amaqhinga kaSolinas azovivinyw­a okokuqala uma iChiefs isibhekene neSundowns kwiShell Helix Ultra Cup eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama. “Kuleli sonto sizosebenz­a nomqeqeshi okokuqala. Kuzofika uLwesihlan­u sesilungis­elela umdlalo weSundowns, sizobe sesazi ukuthi udingani kithina singabadla­li. Sonke sesidlale iminyaka futhi saqeqeshwa abaqeqeshi abehlukene,” kusho uKhune. Mayelana nokusayina kukaBillia­t uthe, “Ngijabule kukhulu.Uyambona uma ebamba ibhola,ungumdlali osezingeni eliphezulu. Uyazithola izintuba futhi uyawaseben­zisa amathuba. Ubesithwal­isa kanzima esadlala kwiSundown­s. Ngethemba ukuthi uzokuletha lokho eqenjini. Thina sizomnika ibhola ukuze ezojezisa amanye amaqembu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa