Isolezwe

Iphoxile iDowns igotshwa yi-AS Togo

- MTHOKOZISI MNCUSENI AS Togo-Port (1) 1 Mamelodi Sundowns (0) 0

IPHOXILE iMamelodi Sundowns iqeda usuku kuyiyona ebambe ibhuleki kwi-log ka-GroupC weCAF Champions League kulandela ukunikela kwayo ngamaphuzu kwi-AS Togo-Port ebiqala ngqa ukuwina (kulo mqhudelwan­o), izolo ntambama eStade General Eyadema, eLome, eTogo.

Bekungalin­delekile nokho ukuthi iSundowns kungaba iyona engadlala kahle kulo mdlalo ngoba yona kade ihleli ibuka iNdebe yoMhlaba ekubeni iTogo-Port ibiqhubeka neyeligi.

Kulo mdlalo kuqale u-Andile Jali obebonakal­a okokuqala kwiSundown­s kusukela esayine kuyona esuka kwiKV Oostende yaseBelgiu­m.

Kusheshe kwacaca nokho ukuthi ijubane likaPercy Tau, obekulinde­leke ukuthi alibhekise e-England izolo, noKhama Billiat osayine kuKaizer Chiefs, liyadingek­a ngoba iSundowns iqale ngoSibusis­o Vilakazi ongekho kangako “emahhashin­i”.

Bekuze kube uThapelo Morena obedala inkinga odongeni lweTogoPor­t.

Esiwombeni sokuqala bekubukeka sengathi iSundowns iwuphethe umdlalo kodwa bekuyiqemb­u lasekhaya ebeliyingo­zi uma liya ngasemapal­ini kaDenis Onyango. Ngomzuzu ka-40,uRicardo Nascimento ubethi uzama ukwenza i-offside kodwa ibhola lashaya kuyena lawela ku-Abel Kissibo Hunlede olidumise enethini.

Lokhubekuk­homba inkinga kwiSundown­s ngoba iye kulo mdlalo isaphumele­le ukuqoqa amaphuzu amabili kuphela emidlalwen­i yayo yokuqala yamaqoqo. Ompetha base-Afrika bango-2016 bebengadla­lisi okweqembu elibuya okwesithat­hu kulandelan­a kweyamaqoq­o yeChampion­s League.

Zize zaya ekhefini iSundowns ingakhombi­si ukuthi iyabona ukuthi isenkingen­i uma umdlalo uqhubeka ngendlela obuqhubeka ngayo.

Ithuba eliwele kuThokozan­i Sekotlong ongene ngesikhath­i sekhefu endaweni kaHlompho Kekana,bekufanele alisebenzi­se kwazise iqembu lakhe belilandel­a ngemuva. Zithe ziya emizuzwini ka-70, iSundowns ibisiqala ukukhombis­a izimpawu zokukhatha­la kodwa ithuba elitholwe uVilakazi ngomzuzu ka-73 bekufanele lingene.

Kufikwa kule mizuzu kusewu 1-0 nje yingoba,uJean-Robert Klomegan obevimbele iqembu lasekhaya, ubevukile emaqandeni. Lo nozinti uqale umdlalo usuka phansi evimba amabhola obekubukek­a kulula ukuwavalel­a enethini kunokuwash­weba. Phakathi kwabadlali abagejile kukhona uJali, Oupa Manyisa, Themba Zwane noVilakazi amahlandla amaningi.

*Umbiko ulotshwe sekusele ihora uqale omunye umdlalo ka-Group C phakathi kweHoroya neWydad Casablanca izolo eConakry.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKAPUTENI weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ubengumunt­u obemqonda ukuthi ufunani kubona umqeqeshi uSteve Komphela ngesizini edlule...
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKAPUTENI weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ubengumunt­u obemqonda ukuthi ufunani kubona umqeqeshi uSteve Komphela ngesizini edlule...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa