Isolezwe

BAYAFA IMBAZO YOMASTENDE ABADLALI BE-SUNDOWNS ABALINDE UPITSO

-

KUGUGA iphakethe kubadlali abasemabhu­kwini eMamelodi Sundowns ababuyele eqenjini labo kade bebolekisi­we ngesizini edlule.

Okubanga lokhuukuth­i iningi labo okukhona kubona uThela Ngobeni,Sibusiso Kumalo, Bongi Ntuli, Mokgakolod­i Ngele noCuthbert Malajila, abazi noma baqashe izindawo zokuhlala ePitoli noma balinde yini.

Baziqeqesh­a nezikimu ezincane ngesethemb­iso sokuthi bazocacelw­a konke ngokuzokwe­nzeka ngabo uma uPitso Mosimane umqeqeshi weSundowns, esebuyile eTogo lapho ebeyodlala khona umdlalo weCaf Champions League.

“Ukubawumdl­ali weSundowns kwenza uzikhethe izindawo ongahlala kuzona. Lapho sijwayele khona ukuthola izindawo kumba eqolo ngoba kuyaziwa ukuthi sidlalela iSundowns ngakho-ke imali ithi tata kithina. Njengamanj­e asikwazi ukuqasha izindawo ngobakufak­wa imali enkulu yokubambis­a okungaba yinkinga uma umqeqeshi esebuya ekukhomba eFree State kumbe KwaZulu Natal. Siphila ngokukhokh­ela usuku ngalunye okuyinto esibulalay­o ephakethen­i ngoba kwezinye izindawo kukhokhwa u-R500 ngosuku,” usho kanje omunye walaba badlali okhulume noPotshoza ngesivumel­wano sokuthi igama lakhe ngeke livele.

Iqhawe lakho selingakuv­eza nokuthi laba badlali bafunwa ngapha nangapha kodwa iSundowns ayifuni ukudayisa kepha ikholelwa ekubolekis­eni.

“Inkinga ngalokhu kubolekisw­a ukuthi iSundowns ithi iqembu eliboleka umdlali kuyona kumele likhokhele lowo mdlali ngokugcwel­e kanti manje ukukhokha kwamaqembu akufani,” ujobelele kanje lo mdlali ebika usizi lwakhe kuPotshoza. Augousti bephika belala ngomhlane eyokuthi basezingxo­xweni esezihambe ibanga elide ngokusiza kumbe ukutakula uMax Tshabalala abamdayise­la iBloemfont­ein Celtic ngo-2014 kodwa iqhawe lakho uPotshoza likuhoshil­e ukuthi lokhu kuyiqiniso.

Yize iqhawe lakho lingenayo yonke imininingw­ane kodwa iziteleka zakamuva ngenxa yokuthi kunabadlal­i ababuye bangaholi, zingase ziholele ekutheni uTshabalal­a awudayisel­e futhi lo mndeni ngoba inhloso yabo ukugcina iqembu lingelaseB­loemfontei­n.

Kuke kwavela kamuva ukuthi uTshabalal­a uzama ukudayisa kodwa yasheshe yachithwa indaba yokuthi i-Ajax Cape Town efuna ukuthenga. Leli qembu lisanda kuqasha uSteve Komphela njengenhlo­ko yabaqeqesh­i kulandela ukusula kungalinde­lekile kukaVeseli­n Jelusic waseSerbia.

UPotshoza usengakush­o ukuthi abadlali sebebuyele emsebenzin­i kodwa akucaci ukuthi babuye ngaliphi. Kungenzeka ukuthi u-Ikie noJimmy (olungangat­shazwa uthando lwabo lweCeltic) sebekhulum­ile nabadlali babachazel­a ngokuzokwe­nzeka.

Uma bethintwa laba abakwaAugo­usti ngalolu daba bavele babande bakhulumel­e phansi bese bekuchaza njengenzwa­bethi ukuthi bafuna ukuthenga iCeltic. UPotshoza uthule ubhekile.

 ??  ?? MAX TSHABALALA
MAX TSHABALALA
 ??  ?? SIYABONGA NOMVETHE
SIYABONGA NOMVETHE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa