Isolezwe

UTADE WOSUTHU UNGAFUNGA UKUTHI OWASE-MZANSI

-

UMGADLI omusha waMaZulu FC u-Emiliano Tade uhlabe umxhwele leli qhawe eliwuPotsh­oza ngesikhath­i linengxoxo naye.

Akayena omunye walaba badlali baphesheya abapensayo, othi uma ukhuluma naye aphendule ngegama elilodwa. Ngesikhath­i enengxoxo neqhawe eliwuPotsh­oza bekungathi uzixoxela “nomjita waseKasi”.

Uqale wakhala ngendlala nje, ethi usafuna ukudla. Akumthatha­nga nemizuzu emibili ubese eshaye wavala kwabekudla wafuna iqhawe eliwuPotsh­oza la, ethi akuxoxwe.

“Ngeke ngisho ukuthi ngizoshaya amagoli amangaki kodwa wona ngizowasha­ya impela. Angisukang­a le e-Argentina ngisukela ubala, ngifuna ukunqoba isicoco naMaZulu ngoba yiqembu elihle futhi eliphethwe ngabantu abanezifis­o ezinhle. Empeleni iNingizimu Afrika yonke nje iyizwe elihle, nakuba kungehli kahle ukuthi izwe elisezinge­ni eliphezulu ngale ndlela lingabalwa nahamba phambili e-Afrika,” sisho kanje lesi sikhokho sase-Argentina. ewu-31 sihlale izinyanga eziwu-18 kwiWits sawina isicoco se-Absa Premiershi­p neTelkom Knockout ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt.

UKhumalo usejoyine Amatsatsan­tsa a Pitori njengoba elungisele­la isizini entsha ye-Absa Premiershi­p.

“Yebokuliqi­niso,uziqeqesha neSuperSpo­rt United,” kusho imenenja kaKhumalo uGlyn Binkin kwi-KickOff.com.

“Okwamanje akukho okubambeka­yo esingakhul­uma ngakho”.

Lo mdlali wazakhela igama kwiSuperSp­ort ngesikhath­i ewina nayo isicoco seligi kathathu kulandelan­a. Uke wathi qu phesheya kwezilwand­le lapho ebedlalela iTottenham Hotspur.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa