Isolezwe

USUTHU LUQINISEKI­SA EKANOMVETH­E

-

AMAZULU FC asekuqinis­ekisile okwakubikw­e ubaba kaPotshoza, Isolezwe,ukuthi luphendlel­a uSiyabonga “Bhele” Nomvethe isikhundla kuleli qembu uma esegaxa amakhokho emgibeni.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu oSuthwini uLunga Sokhela, izinhlelo ezinjalo sezikhona kepha sebelinde yena uNomvethe ukuba abanike usuku azothi khumungalo ebholeni.

“Sivuselele inkontilek­a kaNomvethe ngonyaka owodwa ngoba uthe usazizwa ewumqemane okwamanje uzoyiqeda isizini. Engingakus­ho ukuthi silindele yena uNomvethe ukuthi asazise ukuthi uzothi khumu nini ebholeni bese sithatha isinyathel­o. Akuzoba yithina esithi akayeke ngoba sisakholel­wa ekutheni kuningi asazosenze­la khona okwamanje,” kuchaza uSokhela.

Umlando kaNomvethe kunobhutsh­uzwayo mude kakhulu njengoba emazingeni aphansi esabatshaz­wa namanje. Uke wadlalela iSabatha FC, Durban Cosmos neClaremon­t Blizzards engakadumi.

Uqale ukugqama kunobhutsh­uzwayo ngo-1997 edlalela i-African Wanderers. Ugijimele iKaizer Chiefs ayishayele amagoli angu-42 emidlalwen­i engu-79. Uke wadlala naphesheya kwezilwand­le e-Italy kwiUdinese, Empoli nakwiSaler­nitana. Useke wagijimela i-Orlando Pirates neMoroka Swallows ngaphambi koSuthu.

Udlalele iqembu lesizwe iBafana Bafana amahlandla angu-81, wavalela phakathi amagoli angu-16.

Phakathi kwabadlali abadlalele uSuthubagc­ina ngokunikwa izikhundla singabala u-Ayanda “Cobra” Dlamini noNhlanhla “Shakes” Zwane noBelux Bukasa Kasongo abalekelel­a ezinkulise­ni. “Kubaluleki­le ukuthi sibagcine abadlali abalaziyo futhi abaliqonda­yo iqembu. Ibona abazodluli­sela amasiko eqembu kubadlali abasafika. Kungakho sibabuyisi­le oShakes noDlamini ngoba bangabadla­li abazinikel­a kakhulu oSuthwini, abaziyo ukuthi izinto zenziwa kanjani. Siyazi futhi ukuthi njengoba bekhulisa abadlali abasebanca­ne nje,bazofunda kubantu abafanele,” kuphetha uSokhela.

 ??  ?? BONGI NTULI
BONGI NTULI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa