Kusashubile ecaleni le-Ajax nePSL
I-PREMIER Soccer League (PSL) ithi kuyilungelo le-Ajax Cape Town ukusebenzisa umthetho njengoba izolo leli qembu laseKapa liveze ukuthi lizofaka isicelo sasenkantolo sokuvimba ukuqala kwemidlalo yeligi.
Usihlalo we-Ajax,u-Ari Efstathiou, utshele abezindaba esithangamini eKapa,ukuthi uzofaka amaphepha asenkantolo ukumisa ukuqala kwesizini ka-2018/2019.
Ukusho lokhu ngemuva kokuthi ngeledlule usihlalo wePSL u-Irvin Khoza ethe iligi izoqala noma yikanjani ekuqaleni kuka-Agasti. UKhoza uthe lokhubavumelana ngakho beyiBoard of Governors (BOG) ngemuva kokuthi isigungu esiphezulu sePSL sichazele ibhodi ukuthi kungani kubalulekile ukuphikisa isinqumo sejaji uDenise Fischer sokuthi sibuyiselwe eceleni isigwebo somehluleli weSafa, uWilliam Mukhari, esanqamuleza i-Ajax yashoveleka kwiNational First Division (NFD). Ngokwejaji lolu daba kumele luqulwe yiFifa Player’s Status Committee.
I-Ajax yatholwa uMokhari inecala ngokudlalisa uNdoro ekubeni ubesedlalele amanye amaqembu amabili ngesizini edlule.
Imithetho yeFifa ithi umdlali angasayina emaqenjini amathathu ngesizini eyodwa kodwa angakwazi ukudlalela amabili kuphela.
Ibamba lesikhulu esiphezulu kwiPSL,uMato Madlala, lithintwa ngegxathu elizothathwa i-Ajax, lithe: “Sesizwile. Asinakho ukuphawula. Wonke umuntuunelungelo lokusebenzisa umthetho.”
Uthe sebesifakile isicelo sokuphikisa isinqumo seJaji uFischer sebelinde usuku lokulalelwa kwaso.
U-Efstathiou utshele abezindana ukuthi uzame ngakho konke ukuthi kutholakale isisombululo kulolu daba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Yingakho esenqume ukuthi aluqhube enkantolo lolu daba.Uthe uzophikisa isicelo sePSL sokuthi kubuyekezwe isinqumo seJaji uFischer.
Uma iPSL inikezwa igunya lokuthi iphikise isinqumo, bazofaka isicelo sokuthi isinqumo sikaFischer sime njengoba sinjalo ngesikhathi kusaqedelwa udaba enkantolo.
“Senze konke silandela imigomo. Ngesikhathi iDispute Resolution Committee (DRC) ithi singamdlalisa uNdoro senza njalo. Ngesikhathi sesitshelwa ukuthi asingamdlalisi sayeka. Sisivunile isinqumo seJaji uFischer kodwa namanje sisami ndawonye ngemuva kwezinyanga eziyisithupha, asikho isisombululo. Besizimisele ngokuthi sihlangane nazo zonke izinhlangothi sizame ukuthola umhlahlandlela kodwa
ukuthi asingamdlalisi sayeka. Sisivunile isinqumo seJaji uFischer kodwa namanje sisami ndawonye ngemuva kwezinyanga eziyisithupha, asikho isisombululo. Besizimisele ngokuthi sihlangane nazo zonke izinhlangothi sizame ukuthola umhlahlandlela kodwa besilokhu sichithwa. Ngenxa yalokhu sikhethe ukuthi sithathe le ndlela,” kusho Efstathiou.