Aseqhathiwe azogadulisana kwiPremiers Cup
UMQEQESHI weMaritzburg United,uFadlu Davids,uthi basazoqhubeka nokuthwalisa kanzima amaqembu kwi-Absa Premiership nakule sizini entsha ezoqala ka-2018/2019.
UDavids uthe ngesikhathi ethatha izintambo ngokugcwele ngesizini ephelile, abaphathi beqembu bamyalela ukuba kumasizini amathathu kulandelana kufanele ukuthi iTeam of Choice ingene kwiTop 8.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu izolo ngesikhathi kwethulwa umqhudelwano iKwaZulu-Natal Premier’s Cup, eMoses Mabhida Stadium, izolo.
“Isifiso sabaphathi ukuthi iMaritzburg ihlale kwiTop 8 amahlandla amathathu kulandelana. Izikhulu zibe sezikhipha umyalelo wokuthi ngemuva kwalokho, sizibeke ijoka lokuthi sesibalwa namaqembu amahlanu ahamba phambili kuleli ngokuthi sibe kwiTop 5 njalo. Lilonke nje ngingathi sihlele konke esifuna kwenziwe yiqembu eminyakeni emihlanu kusuka manje,” kuchaza uDavids.
IMaritzburg imangaze abaningi ilala isine kwi-log ye-Absa Premiership yaphinde yangena kowamanqamu kwiNedbank Cup lapho eyashaywa khona iFree State Stars ngo 1-0.
“Siyazi ukuthi sinengcindezi enkulu yokuthi siqhubeke lapho sigcine khona. Ngenxa yokuthi vele sikuhlelile konke esifisa ukukwenza, angingabazi ukuthi sizokwenza kahle nakule sizini,” kuqhuba uDavids.
Amaqembu azodlala kwiPremier’s Cup ayisikhombisa, okubalwa kuwona iMaritzburg United, Lamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, Real Kings, Royal Eagles, evikela isicoco, Richards Bay FC noThongathi FC.
Imidlalo izodlalwa ngoJulayi 28 ePrincess Magogo Stadium KwaMashu, isongwe ngoJulayi 29 eKing Zwelithini Stadium. Imidlalo ihlelwe kanje: NgoJulayi 28 kuma-quarter- final: Real Kings v Uthongathi FC (10am), Richards Bay FC v Royal Eagles (1pm), Maritzburg United vs Golden Arrows (3pm). NgoJulayi 29: AmaZulu azoba yingxenye ye-semifinal eyodwa, kudlalwe neyesibili nowamanqamu.