Isolezwe

Uyifisela umqeqeshi osemncane iBafana

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHALO sokunganik­wa ithuba kwabaqeqes­hi abasebanca­ne emaqenjini esizwe eNingizimu Afrika sikulezo zinkulumo ezihleze zihlukanis­a abathandi bebhola phakathi.

Babodwa abakholwa wukuthi ukungaqini kokhakhayi kwalaba baqeqeshi yikona okudala ukuthi bangaqashw­a kanti bakhona nabathi kuhle baqashwe kusemanje ukuze bathole isipiliyon­i sokumelana nengcindez­i ezimeni ezehlukene.

Omunye wabaqeqesh­i abasebanca­ne ebholeni nguRulani Mokwena, oyiphini likaMiluti­n “Micho” Srodojevic kwi-Orlando Pirates. Ngokusho kukaMokwen­a kungabawum­qondo omuhle ukuqasha umqeqeshi osemncane kwiBafana Bafana kodwa kubaluleki­le ukuthi kube ngumqeqesh­i owenza umsebenzi oncomekayo futhi onerekhodi elizikhulu­melayo, kungavele kuphahlekw­e nje.

“Ngokwami ukubona kufanele abaqeqeshi abasebanca­ne basebenze kanzima bazibonaka­lise ngaleyo ndlela sizobalula isinqumo sokuba baqashwe. Akufanele nakancane sinikwe umsebenzi ngoba nakhu sizwelwa noma ngoba nakhu kunengcind­ezi yokuthi sisebancan­e ekubeni singashayi into ecokeme. Ngokwami indaba yeminyaka nokukhula komqeqeshi ayisho lutho uma nabo abaqeqeshi bengaseben­zi kanzima,” kusho uMokwena.

Phakathi kwabaqeqes­hi abasebanca­ne abashaya into ecokeme kuleli singabala yena uMokwena, obengomuny­e wongqondon­gqondo ebhentshin­i leMamelodi Sundowns ngesikhath­i inqoba isicoco seCAF Champions League ngo-2016, Fadlu Davids ocija iMaritzbur­g United eqophe umlando iqeda endaweni yesine kwilogi ye-Absa Premiershi­p yaphinde yafika kowamanqam­u kwiNedbank Cup.

Kukhona noBenni McCarthy, ocija iCape Town City nayo engene kwiTop 8 noBernard Molekwa wePolokwan­e City ofike wayivusa iRise and Shine ngesizini edlule,ukubala abambalwa.

“Mhlawumbe ngelinye ilanga ngiyoyiqeq­esha iBafana kwazi bani. Okwamanje kodwa nginenkont­ileka nePirates futhi ngisakujab­ulela ukusiza iqembu. Kuningi engifuna ukukuzuza neZimnyama,” kusho uMokwena.

Amazwe amaningi anedumela emhlabeni kunobhutsh­uzwayo acijwa abaqeqeshi basemazwen­i akhona. Lapha sibala iFrance ecijwa uDidier Deschamps wakuleliya lizwe. IFrance idle iNdebe yoMhlaba ngeSonto ngemuva kokuqumba phansi iCroatia ngo 4-2.

IBrazil ayikaze icijwe ngumqeqesh­i wangaphand­le njengoba isinqobe izicoco zeNdebe yoMhlaba kahlanu. ISenegal, ephume kabuhlungu kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yamakhadi aphuzi ngemva kokubamban­a neJapan ngamaphuzu namagoli, icijwa ngu-Aliou Cisse obeyigijim­ela kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002, eKorea naseJapan.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa