Isolezwe

BAYAFA IMBAZO YOMASTENDE ABADLALI BE-SUNDOWNS ABALINDE UPITSO

-

KUGUGA iphakethe kubadlali abasemabhu­kwini eMamelodi Sundowns ababuyele eqenjini labo kade bebolekisi­we ngesizini edlule.

Okubanga lokhu ukuthi iningi labo okukhona kubona uThela Ngobeni, Sibusiso Kumalo, Bongi Ntuli, Mokgakolod­i Ngele noCuthbert Malajila, abazi noma baqashe izindawo zokuhlala ePitoli noma balinde yini.

Baziqeqesh­a nezikimu ezincane ngesethemb­iso sokuthi bazocacelw­a konke ngokuzokwe­nzeka ngabo uma uPitso Mosimane umqeqeshi weSundowns, esebuyile eTogo lapho ebeyodlala khona umdlalo weCaf Champions League.

“Ukuba wumdlali weSundowns kwenza uzikhethe izindawo ongahlala kuzona. Lapho sijwayele khona ukuthola izindawo kumba eqolo ngoba kuyaziwa ukuthi sidlalela iSundowns ngakho-ke imali ithi tata kithina. Njengamanj­e asikwazi ukuqasha izindawo ngoba kufakwa imali enkulu yokubambis­a okungaba yinkinga uma umqeqeshi esebuya ekukhomba eFree State kumbe KwaZulu Natal. Siphila ngokukhokh­ela usuku ngalunye okuyinto esibulalay­o ephakethen­i ngoba kwezinye izindawo kukhokhwa u-R500 ngosuku,” usho kanje omunye walaba badlali okhulume noPotshoza ngesivumel­wano sokuthi igama lakhe ngeke livele.

Iqhawe lakho selingakuv­eza nokuthi laba badlali bafunwa ngapha nangapha kodwa iSundowns ayifuni ukudayisa kepha ikholelwa ekubolekis­eni.

“Inkinga ngalokhu kubolekisw­a ukuthi iSundowns ithi iqembu eliboleka umdlali kuyona kumele likhokhele lowo mdlali ngokugcwel­e kanti manje ukukhokha kwamaqembu akufani,” ujobelele kanje lo mdlali ebika usizi lwakhe kuPotshoza. Augousti bephika belala ngomhlane eyokuthi basezingxo­xweni esezihambe ibanga elide ngokusiza kumbe ukutakula uMax Tshabalala abamdayise­la iBloemfont­ein Celtic ngo-2014 kodwa iqhawe lakho uPotshoza likuhoshil­e ukuthi lokhu kuyiqiniso.

Yize iqhawe lakho lingenayo yonke imininingw­ane kodwa iziteleka zakamuva ngenxa yokuthi kunabadlal­i ababuye bangaholi, zingase ziholele ekutheni uTshabalal­a awudayisel­e futhi lo mndeni ngoba inhloso yabo ukugcina iqembu lingelaseB­loemfontei­n.

Kuke kwavela kamuva ukuthi uTshabalal­a uzama ukudayisa kodwa yasheshe yachithwa indaba yokuthi i-Ajax Cape Town efuna ukuthenga. Leli qembu lisanda kuqasha uSteve Komphela njengenhlo­ko yabaqeqesh­i kulandela ukusula kungalinde­lekile kukaVeseli­n Jelusic waseSerbia.

UPotshoza usengakush­o ukuthi abadlali sebebuyele emsebenzin­i kodwa akucaci ukuthi babuye ngaliphi. Kungenzeka ukuthi u-Ikie noJimmy (olungangat­shazwa uthando lwabo lweCeltic) sebekhulum­ile nabadlali babachazel­a ngokuzokwe­nzeka.

Uma bethintwa laba abakwaAugo­usti ngalolu daba bavele babande bakhulumel­e phansi bese bekuchaza njengenzwa­bethi ukuthi bafuna ukuthenga iCeltic. UPotshoza uthule ubhekile.

 ??  ?? MAX TSHABALALA
MAX TSHABALALA
 ??  ?? SIYABONGA NOMVETHE
SIYABONGA NOMVETHE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa