UTADE WOSUTHU UNGAFUNGA UKUTHI OWASE-MZANSI
UMGADLI omusha waMaZulu FC u-Emiliano Tade uhlabe umxhwele leli qhawe eliwuPotshoza ngesikhathi linengxoxo naye.
Akayena omunye walaba badlali baphesheya abapensayo, othi uma ukhuluma naye aphendule ngegama elilodwa. Ngesikhathi enengxoxo neqhawe eliwuPotshoza bekungathi uzixoxela “nomjita waseKasi”.
Uqale wakhala ngendlala nje, ethi usafuna ukudla. Akumthathanga nemizuzu emibili ubese eshaye wavala kwabekudla wafuna iqhawe eliwuPotshoza la, ethi akuxoxwe.
“Ngeke ngisho ukuthi ngizoshaya amagoli amangaki kodwa wona ngizowashaya impela. Angisukanga le e-Argentina ngisukela ubala, ngifuna ukunqoba isicoco naMaZulu ngoba yiqembu elihle futhi eliphethwe ngabantu abanezifiso ezinhle. Empeleni iNingizimu Afrika yonke nje iyizwe elihle, nakuba kungehli kahle ukuthi izwe elisezingeni eliphezulu ngale ndlela lingabalwa nahamba phambili e-Afrika,” sisho kanje lesi sikhokho sase-Argentina.
Lesi sitobha esineminyaka ewu-31 sihlale izinyanga eziwu-18 kwiWits sawina isicoco se-Absa Premiership neTelkom Knockout ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt.
UKhumalo usejoyine Amatsatsantsa a Pitori njengoba elungiselela isizini entsha ye-Absa Premiership.
“Yebo kuliqiniso, uziqeqesha neSuperSport United,” kusho imenenja kaKhumalo uGlyn Binkin kwi-KickOff.com.
“Okwamanje akukho okubambekayo esingakhuluma ngakho”.
Lo mdlali wazakhela igama kwiSuperSport ngesikhathi ewina nayo isicoco seligi kathathu kulandelana. Uke wathi qu phesheya kwezilwandle lapho ebedlalela iTottenham Hotspur.