USUTHU LUQINISEKISA EKANOMVETHE
AMAZULU FC asekuqinisekisile okwakubikwe ubaba kaPotshoza, Isolezwe, ukuthi luphendlela uSiyabonga “Bhele” Nomvethe isikhundla kuleli qembu uma esegaxa amakhokho emgibeni.
Ngokusho kwesikhulu esiphezulu oSuthwini uLunga Sokhela, izinhlelo ezinjalo sezikhona kepha sebelinde yena uNomvethe ukuba abanike usuku azothi khumungalo ebholeni.
“Sivuselele inkontileka kaNomvethe ngonyaka owodwa ngoba uthe usazizwa ewumqemane okwamanje uzoyiqeda isizini. Engingakusho ukuthi silindele yena uNomvethe ukuthi asazise ukuthi uzothi khumu nini ebholeni bese sithatha isinyathelo. Akuzoba yithina esithi akayeke ngoba sisakholelwa ekutheni kuningi asazosenzela khona okwamanje,” kuchaza uSokhela.
Umlando kaNomvethe kunobhutshuzwayo mude kakhulu njengoba emazingeni aphansi esabatshazwa namanje. Uke wadlalela iSabatha FC, Durban Cosmos neClaremont Blizzards engakadumi.
Uqale ukugqama kunobhutshuzwayo ngo-1997 edlalela i-African Wanderers. Ugijimele iKaizer Chiefs ayishayele amagoli angu-42 emidlalweni engu-79. Uke wadlala naphesheya kwezilwandle e-Italy kwi-Udinese, Empoli nakwiSalernitana. Useke wagijimela i-Orlando Pirates neMoroka Swallows ngaphambi koSuthu.
Udlalele iqembu lesizwe iBafana Bafana amahlandla angu-81, wavalela phakathi amagoli angu-16.
Phakathi kwabadlali abadlalele uSuthu bagcina ngokunikwa izikhundla singabala u-Ayanda “Cobra” Dlamini noNhlanhla “Shakes” Zwane noBelux Bukasa Kasongo abalekelela ezinkuliseni. “Kubalulekile ukuthi sibagcine abadlali abalaziyo futhi abaliqondayo iqembu. Ibona abazodlulisela amasiko eqembu kubadlali abasafika. Kungakho sibabuyisile oShakes noDlamini ngoba bangabadlali abazinikela kakhulu oSuthwini, abaziyo ukuthi izinto zenziwa kanjani. Siyazi futhi ukuthi njengoba bekhulisa abadlali abasebancane nje, bazofunda kubantu abafanele,” kuphetha uSokhela.