Isolezwe

Kusashubil­e ecaleni le-Ajax nePSL

- LUNGILE MAJOKA

I-PREMIER Soccer League (PSL) ithi kuyilungel­o le-Ajax Cape Town ukusebenzi­sa umthetho njengoba izolo leli qembu laseKapa liveze ukuthi lizofaka isicelo sasenkanto­lo sokuvimba ukuqala kwemidlalo yeligi.

Usihlalo we-Ajax, u-Ari Efstathiou, utshele abezindaba esithangam­ini eKapa, ukuthi uzofaka amaphepha asenkantol­o ukumisa ukuqala kwesizini ka-2018/2019.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi ngeledlule usihlalo wePSL u-Irvin Khoza ethe iligi izoqala noma yikanjani ekuqaleni kuka-Agasti. UKhoza uthe lokhu bavumelana ngakho beyiBoard of Governors (BOG) ngemuva kokuthi isigungu esiphezulu sePSL sichazele ibhodi ukuthi kungani kubaluleki­le ukuphikisa isinqumo sejaji uDenise Fischer sokuthi sibuyiselw­e eceleni isigwebo somehlulel­i weSafa, uWilliam Mukhari, esanqamule­za i-Ajax yashovelek­a kwiNationa­l First Division (NFD). Ngokwejaji lolu daba kumele luqulwe yiFifa Player’s Status Committee.

I-Ajax yatholwa uMokhari inecala ngokudlali­sa uNdoro ekubeni ubesedlale­le amanye amaqembu amabili ngesizini edlule.

Imithetho yeFifa ithi umdlali angasayina emaqenjini amathathu ngesizini eyodwa kodwa angakwazi ukudlalela amabili kuphela.

Ibamba lesikhulu esiphezulu kwiPSL, uMato Madlala, lithintwa ngegxathu elizothath­wa i-Ajax, lithe: “Sesizwile. Asinakho ukuphawula. Wonke umuntu unelungelo lokusebenz­isa umthetho.”

Uthe sebesifaki­le isicelo sokuphikis­a isinqumo seJaji uFischer sebelinde usuku lokulalelw­a kwaso.

U-Efstathiou utshele abezindana ukuthi uzame ngakho konke ukuthi kutholakal­e isisombulu­lo kulolu daba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Yingakho esenqume ukuthi aluqhube enkantolo lolu daba.Uthe uzophikisa isicelo sePSL sokuthi kubuyekezw­e isinqumo seJaji uFischer.

Uma iPSL inikezwa igunya lokuthi iphikise isinqumo, bazofaka isicelo sokuthi isinqumo sikaFische­r sime njengoba sinjalo ngesikhath­i kusaqedelw­a udaba enkantolo.

“Senze konke silandela imigomo. Ngesikhath­i iDispute Resolution Committee (DRC) ithi singamdlal­isa uNdoro senza njalo. Ngesikhath­i sesitshelw­a ukuthi asingamdla­lisi sayeka. Sisivunile isinqumo seJaji uFischer kodwa namanje sisami ndawonye ngemuva kwezinyang­a eziyisithu­pha, asikho isisombulu­lo. Besizimise­le ngokuthi sihlangane nazo zonke izinhlango­thi sizame ukuthola umhlahland­lela kodwa besilokhu sichithwa. Ngenxa yalokhu sikhethe ukuthi sithathe le ndlela,” kusho Efstathiou.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTENDAI Ndoro obedlalela i-Ajax Cape Town ushiye eyenzile indaba njengoba icala phakathi kweqembu nePSL lingase liphazamis­e ukuqala kwesizini entsha
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTENDAI Ndoro obedlalela i-Ajax Cape Town ushiye eyenzile indaba njengoba icala phakathi kweqembu nePSL lingase liphazamis­e ukuqala kwesizini entsha
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa