Bahlaselwe belele bafunwa imali nemoto
USATHUTHUMELA umndeni wakwaDube, KwaMbonambi, osinde ngokulambisa uthunjwa yizigebengu ebezibaduna imoto.
Kuthiwa lo mndeni waseNhlabane, KwaMbonambi, uhlaselwe yizigebengu ngoLwesibili emuva kuka-3 ekuseni usalele wafunwa imali, imoto nezimpahla zokugqoka.
UMnuz Ntokozo Dube (31) uthe bebelele nomkakhe nendodana yabo eneminyaka emibili ngesikhathi bengenelwa abalisa abathathu abebehlomile.
Uthe laba balisa bagqekeze isicabha esingenela endlini base bekhahlela isicabha sasekamelweni. “Bakhahlele isicabha sasekamelweni bobathathu, bangena basikhomba ngezibhamu. Bathe angilale phansi bangibopha izandla bengibophela ngemuva. Batshele umkami ukuthi akabanike imali nezikhiye zemoto. Bathathe nezimpahla zami zokugqoka.”
Uthe laba balisa bathathe imali engaphezu kukaR2 000 bafuna namakhadi asebhange. Uthe umkakhe ubatshelile ukuthi awekho amakhadi. Uthe batshele umkakhe ukuthi akagqokise ingane naye agqoke base bebadonsa bebafaka emotweni yakhe iToyota Hilux obekubukeka engathi yiyo abebezoyintshontsha. Uthe laba balisa bababone begcoba okuthile emotweni bethi bayayiloya.
Badonse yena nomndeni wakhe ngesankahlu, babalayisha emotweni, bahamba nabo.
“Bafake umkami nengane ngaphambili emotweni, mina bangifaka ngemuva bangilalisa esikhenkeni ngiboshiwe. Bengigadwe omunye wabo ngemuva ngikhonjwe ngesibhamu.”
Uthe bahambe nabo baphuma KwaMbonambi bangena emgwaqweni oya KwaSokhulu, badabula emahlathini bangena emgwaqweni oya eMtuba. Kuthe bengena kulo mgwaqo kwaqhamuka imoto yamaphoyisa okukholakala ukuthi ibizwe amalungu omphakathi abesola ukuthi basengozini.
Laba balisa banyuse isivinini bangena elokishini laKwaMsani nokuyilapho begcine bephume emotweni bobathathu bayishiya izihambela yaphaphalaza yangena komunye umuzi. UDube uthe ngenhlanhla umkakhe nengane abalimalanga. Uthe uyena kuphela othinteke ehlombeni.
“Sisathukile sinomkami nengane. Ingane nomkami yibo abethuke kakhulu ngoba ngoLwesibili ebusuku umkami akalalanga nengane, kuthe uma kuqala kuhlwa yaqala yakhala ibambelela kunina ubona ukuthi isahlukumezekile,” kusho uDube.
Okhulumela amaphoyisa uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko. Uthe abalisa abasolwa basafunwa amaphoyisa.