Isolezwe

OkaNdunank­ulu kowamaqake­lo

- ZANELE MTHETHWA

UFISA ukwehlisa umthwalo ezinganeni zamantomba­zane ezingawath­oli amaqakelo unkosikazi kaNdunanku­lu waKwaZulu-Natal, oseqale umkhankaso wokunikela ngawo.

UNkk Zodwa Mchunu ongunkosik­azi kaMnuz Willies Mchunu, uthe lo mkhankaso obizwa ngeMillion Comforts, akuwona owesifunda­zwe kuphela kodwa ufisa ukufinyele­la kuzo zonke izindawo. Unxenxa bonke abakuleli ukuthi bawungenel­e lo mkhankso oxhaswe ngabakwaDi­schem ukuthengel­a izingane amaqaleko. Ngesonto eledlule uNkk Mchunu obepheleze­lwa wuNdunanku­lu, uNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al uNkk Weziwe Thusi noNgqongqo­she wokuBusa ngokuBambi­sana nobuHoli boMdabu, uNkk Nomusa DubeNcube, bagcwalise izinqola ezitolo ePavillion eThekwini bethenga amaqakelo.

UNkk Mchunu oyinxusa leMbumba Foundation, uthe lo mkhankaso uwenza ngaphansi kohlelo iCaring4Gi­rls.

“Isifundazw­e sethu asinayo imali eyanele, yingakho sicela wonke umuntu ukuthi anikele. Akumele kube nezingane ezihlala isonto lonke zingayi esikoleni ngenxa yokuthi azinawo amaqakelo. Sibonga undunankul­u nabo bonke ongqongqos­he abasixhasi­le ngoba lo mkhankaso ubungeke ube yimpumelel­o sisodwa. Sizowahamb­isa ezikoleni ezahlukene lapho kunezingan­e ezidinga amaqakelo,” kusho yena.

Ngenyanga edlule emcimbini weSolezwe obizwa ngeNtandok­azi, uNkk Mchunu waveza ugqozi lokuthuthu­kisa umphakathi. Uthe uzoba nezinhlelo zokulekele­la ngisho abesifazan­e abahlukume­zekile ngaphansi kwehhovisi lakhe esifundazw­eni. Lokhu wakusho emuva kokuxoxa ngobuhlung­u bodaba lokukhula kwakhe emuva kokushonel­wa unina athi wabulawa nguyise.

UNksz Nana Xulu okhulumela iSpousal Office esifundazw­eni, uthe ngenyanga ezayo bazovakash­ela izikole ezimbili ukuyonikel­a ngamaqakel­o, esinye sazo athe siseMsinga. Uthe lona umkhankaso ozoqhubeka ukuze kusizakale izingane zamantomba­zane.

Lo mkhankaso uzoqubheka nasezitolo zakwaDis-chem ezingu-100 lapho kuzobekwa imigqomo okufakwa kuyo amaqakelo. I-Independen­t Media, engabanika­zi beSolezwe, iyingxenye yalo mkhankaso.

 ??  ?? UNKK Zodwa Mchunu ehambisana noNdunanku­lu wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu emkhankasw­eni wokuthenge­la izingane ezintulayo amaqaleko
UNKK Zodwa Mchunu ehambisana noNdunanku­lu wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu emkhankasw­eni wokuthenge­la izingane ezintulayo amaqaleko
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa