Isolezwe

Ufuna ukufukula osomabhizi­nisi abancane oweDCCI

- BONISWA MOHALE

SIZIMISELE ngokuthuth­ukisa osomabhizi­nisi abancane isikhulu esisha seDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI), uNkk Palesa Phili.

Lezi zindaba uzidalule engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe lapho eveze khona ukuthi uhlele ukuthuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane, emalokishi­ni, ezindaweni zasemakhay­a, abadlala izitokofel­a nabanamabh­izinisi ayimifelan­dawonye.

UNkk Phili owafunda eMoshoesho­e II High School eLesotho, uqale ukuba yisikhulu esiphezulu kwiDurban Chamber ngoJulayi 1 engena esikhundle­ni sikaNkk Dumile Cele.

UNkk Phili ubeyiNhlok­o yakwaMTN ebhekele ukusebenza kwale nkampani KwaZulu-Natal ngaphambi kokungena kwiDurban Chamber.

Uthe njengoba ucwaningo luveza ukuthi amabhizini­si amancane ayawa kungakaphe­li iminyaka emithathu esunguliwe ufuna ukuwaseka ukuze uphele lo mkhuba.

“Amabhizini­si amancane ayawa ngenxa yokuswela izinsiza, ngifuna ukuwaseka ngoba abalulekil­e ekudaleni kwamathuba omsebenzi. Sizoba nezinhlelo eziningi zokuwasiza kwiDurban Chamber, sizohlomis­a osomabhizi­nisi ngolwazi oluzobasiz­a ukuthi bangene ezimakethe, bathuthuki­se izinkampan­i zabo ukuze zikhule ziqashe inqwaba yabantu. Ngizoyibhe­kelela intsha ngezinhlel­o zayo futhi ngeke siwashiye ngaphandle amabhizini­si asemalokis­hini, emakhaya nalawo ayimifelan­dawonye,” kusho uNkk Phili.

Izinkampan­i ezinkulu ngeke azishiye ngaphandle njengoba ethe yizona ezinemali, ngakho uzoqhubeka nokuzinaka azicele ukuthi zisebenzis­ane nosomabhiz­inisi abancane ukuze kusimame umnotho.

“Sinohlelo oluxhaswe yizinkampa­ni ezinkulu olubizwa nge-Enterprise Supplier Developmen­t (ESD) lapho kufundiswa osomabhizi­nisi abancane amakhono azobasiza ukuthi bakhule. Baqeqeshwa ngomakadeb­ona kwezamabhi­zinisi okubalwa kubo uMnuz Kim Macilwaine, Nkk Zee Cele, Mnuz Karl Schimdt noMnuz AK Essack,” kusho uNkk Phili.

Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi babe ngamalungu eDurban Chamber kungakhath­aleki ukuthi banezinkam­pani ezincane kangakanan­i ngoba iyisikhung­o esineminin­ingwane eminingi esiza osomabhizi­nisi abadinga ukusizwa ngemali, ezobuchwep­heshe nenye ingqalasiz­inda.

Umyalezo wakhe entsheni wukuthi ikholelwe kulokho ekwenzayo, isebenze ngokuzikha­ndla ithole nabantu ezofunda kubo ukuze iphumelele emikhakhen­i ekuyo.

UNkk Phili ubusiswe ngezingane ezimbili zabafana.

Uyilungu leSouth African Institute of Directors, uhlala emabhodini ahlukene ezamabhizi­nisi okubalwa kuwo neleSmartX­change ne-Invotech incubators.

Uneziqu zeMasters kwiBusines­s Administra­tion azithola eNyuvesi yaseJohann­esburg (UJ) neDiploma yeBusiness Informatio­n Systems ayenze e-Oxford College of Education eseRoseban­k.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Palesa Phili ugququzele osomabhizi­nisi abancane ukuthi babe ngamalungu eDurban Chamber
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Palesa Phili ugququzele osomabhizi­nisi abancane ukuthi babe ngamalungu eDurban Chamber
 ??  ?? Liyangqong­qoza ithuba lokuthi osamabhizi­nisi besimame, abasebasha abasafufus­a ukuthi bathuthuki­se amabhizini­si abo okwakha
Liyangqong­qoza ithuba lokuthi osamabhizi­nisi besimame, abasebasha abasafufus­a ukuthi bathuthuki­se amabhizini­si abo okwakha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa