Isolezwe

Umfundi ofuze abazali ngamakhono

- KWANDOKUHL­E NJOLI

USIKE iphethini kubazali bakhe umfundi ona-13 weminyaka yobudala ngokungena emkhakheni wezebhizin­isi njengoba enza izinto zobuhlalu ngezandla futhi asebenzise izinto aseziseben­zile noma ezilahliwe zibe zintsha.

UNgothando Khumalo (13) ofunda uGrade 7 esikoleni samabanga aphansi eDlambula uthe waqala ukuthanda umsebenzi wezandla eneminyaka eyisithuph­a.

“Umama wami wabona ukuthi nginekhono lokwenza umsebenzi wezandla futhi ngiyawutha­da, wangithole­la usisi owangisiza ngokuliphe­ka ikhono lami,” kuchaza uNgothando.

Akagcini nje ngokwenza ubuhlalu uqoqa udoti, amabhodlel­a noplastiki ukuze enze nemihlobis­o yasendlini.

Unina kaNgothand­o, uNkk Fika Khumalo uthe wabona esakhula ukuthi ingane yakhe inekhono lokusebenz­a ngezandla wayigqugqu­zela ngalo msebenzi.

“UNgothando wenza umsebenzi omuhle ngezandla zakhe. Akasiyo ingane evilaphayo yingakho ngibona sengathi ikhono lakhe liya phambili,” kuchaza uNkk Khumalo.

UNkk Khumalo naye owenza kakhulu umsebenzi wezandla njengoba engumenzi wewayini elakhiwa ngezithelo, okubalwa kuzo ube-troot, ithanga no-cucumber.

UNgothando uthe iphupho lakhe wukuthi umsebenzi wakhe ufinyelele emhlabeni wonke, abone abantu abaningi kuleli begqoke umsebenzi wakhe.

“Abangani bami nothisha bami esikoleni, bayaweseka umsebenzi, nabazali bami ngoba umsebenzi wami omningi bayawuthen­ga, uma kuwubuhlal­u bayabugqok­a.”

UNgothando uphethe ngokuthi ufuna ukuba wumpheki nokuthi akhuthaze ontanga yakhe ukuthi benze umsebenzi wezandla, bazakhele bona amathuba omsebenzi noma babe osomabhizi­nisi ngamathale­nte abo.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA (ANA) ?? UNKSZN Ngothando Khumalo owenza imigexo yobuhlali, iziqhaza, nemihlobis­o yamabhodle­la
Isithombe: BONGANI MBATHA (ANA) UNKSZN Ngothando Khumalo owenza imigexo yobuhlali, iziqhaza, nemihlobis­o yamabhodle­la

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa