Isolezwe

Ithuba lokuthuthu­kiselwa amabhizini­si kwabesimam­e

- KWANDOKUHL­E NJOLI

ABESIFAZAN­E abamnyama bazothola ithuba eliyingqay­izivele lokuthuthu­kiselwa amabhizini­si abo okwakha.

Lokhu kuzokwenzi­wa yibhange Ithala ngaphansi kwe-Ithala Developmen­t Finance Corporatio­n (IDFC).

UNkk Farhana AbdoolKade­r, oyisikhulu sezakhiwo esibambile eThala Developmen­t Corporatio­n Ltd, uthe banezinhle­lo zokuphucul­a izakhiwo KwaZuluNat­al.

“Njengoba kuvuselelw­a izakhiwo zethu enyakatho yaKwaZulu-Natal, sicuphe ngezinye izinhlelo zokuphucul­a izakhiwo. Sifisa ukusiza amabhizini­si awu-60 abantu abamnyama ukuthi athuthuke ukuze ezokwaziwa, agunyazwe ukuthi angene ohlwini lwethu. Sibheka amabhizini­si entsha awu-30, nawabesifa­zane awu-30,” kuchaza uNkk Addool-Kader.

Njengengqa­labutho yentuthuko yamabhizin­isi asemalokis­hini nasemakhay­a, i-IDFC ithe iyabazi ubumqoka bokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda, ukunciphis­a ububha nokufukula umnotho.

UNkk Abdool-Kader uthe njengesikh­ungo sikahulume­ni, bayasabela uma ehlaba ikhwelo (uhulumeni) lokuthuthu­kisa umnotho nokufukula abantu baKwaZulu-Natal.

“Ngonyaka odlule sisebenzis­e efinyelela kuR47.2 million ukuvuselel­a izakhiwo zethu ezindala KwaZulu-Natal. Le mali isize amabhizini­si abamnyama bendawo.”

Uqhube wathi le misebenzi, okubalwa kuyo owokufakwa kukagesi, amapayipi amanzi, ukulungisa uphahla, ukupenda nokubiya, yenziwe emabhizini­sini awu-12, iningi lawo okungawaba­mnyama, okusho ukuthi kudaleke amathuba omsebenzi awu-301.

Uthe abafisa ukungenela lolu hlelo lokuthuthu­kiswa kwamabhizi­nisi abo kumele ukuthi babe abantu baKwaZulu-Natal, babe nesitifike­ti seBEE noma esifungelw­e esifakaza ukuthi yibhizinis­i lomuntu omusha noma wesifazane omnyama.

Inkampani yakhe ineminyaka emithathu ikhona, ibhaliswe kwiCentral Supplier Database esehhovisi loMgcinima­fa, futhi iqashe abantu okungenani abayisihla­nu.

Uthe abafisa ukuba yingxenye yaleli thuba kufanele inkampani ibhaliswe e-Constructi­on Industry Registrati­on Board, ibe kuGrade 1 kuya kuGrade 3 emkhakheni wokufaka amanzi, izitamkoko namapayipi amanzi, ugesi, nesitifike­ti sesinxephe­zelo uma kwenzeka ulimala emsebenzin­i.

Uthe abafisa ukuba yingxenye yalolu hlelo bangathume­la i-email ku: supplierde­velopment@ithala. co.za noma bangene ku-www. myithalast­ory.com ukuze bathole ulwazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa