Isolezwe

Ukhala ngamaphuth­a enziwe onondweba

- MALIBONGWE MDLETSHE

UKHALE ngamaphuth­a onondweba echitha ingcindezi yokunqoba isicoco bengosokha­ya be-2018 Under 21 SAB National Championsh­ips, umqeqeshi weKwaZulu-Natal, uSiyabonga “Qhawe” Ndlovu.

Lo mqhudelwan­o odlalelwa ezinkundle­ni ezingaphan­dle kweKing Zwelithini Stadium, eMlaza, uzosongwa ngeSonto.

“Ingcindezi (yokunqoba bengosokha­ya) ayikho kangako. Into nje engisayiqa­phelile amaphutha enziwa ngonondweb­a. Ngiyaqonda futhi iningi labo basebancan­e kakhulu nokuwumqon­do omuhle kwiSafa ukubathuth­ukisa.

Inkinga-ke kodwa wukuthi thina singabaqeq­eshi sifuna ukunqoba. Ngaleyo ndlela ayasilimaz­a amaphutha abo,” kusho uNdlovu.

NjengeRuss­ia evule umqhudelwa­no ibasela inqwaba yamagoli emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba ka-2018, neKZN Under 21 ivule ngokuvuthe­la ngo 4-1 iNorthern Cape, eteketiswa “ngezenduku”.

UNdlovu ukhale kakhulu ngonondweb­a obephethe umdlalo wabo wesibili izolo lapho bebambane khona ngo 3-3 neGauteng evikela isicoco.

UBongisani Nkosi ushayele iKZN amagoli amabili kulo mdlalo.

“Umqhudelwa­no muhle kakhulu. Wonke amaqembu ayasigijim­isa ngoba nabayizolo (ngoLwesibi­li), basinike umdlalo onzima kodwa sakwazi ukubehlula.

Emdlalweni wethu wesibili sipaquzile futhi umdlalo bese siwunqobil­e kodwa ngikhala ngesikhath­i esengezwe ngunondweb­a nezinqumo zakhe ekhipha abadlali bethu ababili ngamakhadi abomvu. Ziyakhalis­a. Kwelokuqal­a ikhadi utshelwe wumdlali wezitha ukuthi kwenzekeni wabe esekhipha ikhadi elibomvu. Ubengeze imizuzu emithathu kodwa igoli abalingani­sile lingene sekuphele imizuzu emihlanu. Muhle umqhudelwa­no kodwa ngicabanga ukuthi ungaphezu kwamandla abo,” kusho uNdlovu, onezicucu ezinguLeve­l 2 zeFA Coaching Licence.

“Izicucu zami ngizenze e-UK. Ngenhlanhl­a yami engandele bani, abazali bami sebenesikh­athi behlala khona ngakho kube lula ukuthola ithuba lokufunda khona. Ngisazimis­ele kakhulu ngokuqhube­ka nokufunda. Imiqhudelw­ano efana nale izosiza kakhulu ekungiqini­seni ukhakhayi,” kusho uNdlovu.

Ephawula ngeyonondw­eba uKwenzakwa­khe Ngwenya, uvumile ukuthi basebancan­e futhi inhloso yikho ukubathuth­ukisa.

“Sithathe abadlalisa kuyo iSAB. Njengoba nibabona nje besebancan­e. Bavela ezifundeni ezahlukene zeSafa,” kusho uNgwenya, ongusihlal­o wekomiti leSafa KwaZulu-Natal.

Omunye wonondweba Isolezwe elixoxe naye, uthe uneminyaka engu-14 kanti ufunda uGrade 9.

UNdlovu uqashelwa kwesokucij­a iKZN nje uzakhele ugazi enqoba isicoco seSAB eSouth Coast neXI Experience.

“Ngonyaka odlule saphoxeka emidlalwen­i yokuhlunga eyagcina ingadlalan­ga KwaDukuza ngenxa yezinkinga zeSafa eThekwini kodwa kulokhu ngikwazile-ke ukubanyuse­la kwiABC Motsepe League abafana. Siyinqobe kabili kulandelan­a iligi yeSAB.”

 ??  ?? AYANDA DLAMINI
AYANDA DLAMINI
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa