Isolezwe

Iganele esokeni efika kwiBucs

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI omusha we-Orlando Pirates, uVincent Pule ukufanisa nokufezeka kwephupho ukuzibona esesemnden­ini weZimnyama, asayine kuzona phezu kokukhonjw­a komakhelwa­ne iKaizer Chiefs.

UPule ubekhuluma kwi-website yePirates lapho eveze ukuthi yize kuqale kwamthusa ukuzwa indlela izinto ezenzeka ngayo kuleli qembu laseSoweto kodwa usefike wajwayela.

“Into engijabuli­sa kakhulu wukuthi ngilapha, ngidlalela elinye lamaqembu amakhulu ezweni. Angikholwa ukuthi yimi ngempela kodwa ngizizwa ngikhethek­ile ngokuba khona lapha. Akekho umfana ongaphuphi ngokudlale­la leli qembu, nami ngangikufi­sa. Manje sekwenzeka engangivel­e ngikufisa,” kusho uPule.

Ukubadlali abayisishi­yagaloluny­e abamenyeze­lwe iPirates emasontwen­i adlule. Abanye babo uBen Motshwari, Xola Mlambo adlale nabo kwiBidvest Wits, no-Asavela Mbekile osuka kwiMamelod­i Sundowns.

Njengamanj­e iPirates iseZambia lapho iqhuba khona amalungise­lelo esizini ka-2018/2019. Ngempelaso­nto idlale nePower Dynamos neNdola Select XI.

UPule uyiqalile eminye yale midlalo lapho bebambane ngo 1-1 neDynamos. INdola Select XI ishaywe ngo 4-1.

“Ngikholwa wukuthi kumele sisebenzel­e iqembu nabalandel­i. Lokho kusho ukudlala ngokuzimis­ela nokuzigqaj­a. Kumele senze konke okusemandl­eni ukuba nesandla ekugcineni isiko leqembu lokuwina.”

Uthe ngesikhath­i efika kweZimnyam­a uke waba novalo ngesikhath­i iphini lomqeqeshi uRulani Mokwena libeluleka ngendlela yokudlala elindelwe kubona.

“IPirates inendlela ehlukile yokudlala kunalena ebengiyijw­ayele kwiWits. Bengikhath­azekile ngesikhath­i ngiqala ukufika, umqeqeshi uRulani esitshela ngesitayel­a sePirates. Bekunzima ukuqonda ukuthi ukhuluma ngani. Kodwa manje njengoba sesinemidl­alo esiyidlali­le sengikuyak­uqonda abekusho nokuthi kulindelek­eni kithina,” kusho uPule.

Khonamanja­lo namuhla iPirates izoba nomcimbi wokuklomel­isa abadlali abenze kahle ngesizini edlule.

Bese kuphele iminyaka iqembu lingabi nayo le miklomelo njengoba belingenzi kahle.

Ngesizini edlule likwazile ukuqeda endaweni yesibili kwi-log nokuzibeki­sela indawo kwiCAF Champions League.

Kubadlali abagqamile kukhona u-Innocent Maela, Justin Shonga, Marshall Munetsi abangabany­e abaqokelwe emkhakheni womdlali osemncane othembisay­o.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVINCENT Pule obegijimi kwiBidvest Wits, uthi weneme ngokuba kwi-Orlando Pirates azoqala ukugijima kuyona ngesizini ezoqala
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVINCENT Pule obegijimi kwiBidvest Wits, uthi weneme ngokuba kwi-Orlando Pirates azoqala ukugijima kuyona ngesizini ezoqala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa