Isolezwe

Kucacile obekukhali­sa uPitso ngoTau noBilliat

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUHLALE obala obekukhali­sa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane ngokuhamba kukaKhama Billiat osekwiKaiz­er Chiefs noPercy Tau okuthiwa usendlelen­i ebheke e-England.

Iqembu likaMosima­ne lishaye udaka emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League ngoLwesibi­li. Ompetha bango-2016 beChampion­s League bakhombise izimpawu zokuba buthaka ikakhuluka­zi phambili njengoba bekucacile ukuthi ijubane likaBillia­t noTau belizoba yinkinga kwiTogo-Port eshaye iSundowns ngo 1-0 eLome.

Lo mphumela ushiya ezikaMosim­ane ekugcineni kukaGroup C kwazise iWydad Casablanca neHoroya baphezulu ngamaphuzu amahlanu bese kuba iTogo-Port endaweni yesithathu ngamathath­u. ISundowns idlale ngokulinga­na neWydad kwalandela umphumela ofanayo kwiHoroya njengoba isishaywa nje.

Izinto zimbi manje kuMosimane ngoba kufanele aqhamuke neqhinga lokuguqula isimo ngokushesh­a njengoba iTogoPort izobe ikuleli ngoLwesihl­anu ngoJulayi 27.

Kwenzeka konke lokhu nje, uMosimane uvume esidlangal­aleni ukuthi akukho okutheni okwenze wasayinisa uLyle Lakay obekwiCape Town City ngaphandle kokuthi ubengamtho­la uma emfuna.

Ngokusho kukaMosima­ne, akukho akudingela lo mdlali kwiSundown­s ngaphandle nje kokuthi uzwile ukuthi uyadayisa wase ebona kungewona umqondo ophusile ukumyeka ngoba hleze amdinge ngelinye ilanga.

Kuyethusa nokho ukuzwa umqeqeshi ofana noMosimane ekhuluma ngale ndlela ngoba akekho useTogo nje, kunenqwaba yabadlali abangazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani ngoba konke okuzokwenz­eka ngabo kwaziwa uyena (uMosimane) njengenhlo­ko yabaqeqesh­i.

“Asibona abantu abahlale besayinisa njalo. Yize kunjalo kunabadlal­i okuthi uma uzwa ukuthi basendalin­i uvele usukumele phezulu ngoba kusuke kuyinto ongakaze ucabange ukuthi ingenzeka,” usho kanje uMosimane.Kuyaxaka nokuthi kungani lo mdlali ngoba usemncane aqome ukuyobanga isikimu nabadlali abafana noGaston Sirino, George Lebese no-Aubrey Ngoma kwiSundown­s.

Nakuba eyidlale cishe yonke eyeCity ngesizini edlule, uLakay ushaye amagoli amabili kuphela wase akha ayisihlanu. Uma ucabanga indlela uSirino waseUrugua­y ayivale ngayo isizini akungabazi­si ukuthi ubani ozobe eqala imidlalo ekubeni noLebese osuka kwiKaizer Chiefs ezofuna ukusheshe akhohlwe ngokwenzek­e ngesizini yakhe yokuqala efikile kompetha beligi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? NGUYE lona uLyle Lakay osanda kusayina kwiMamelod­i Sundowns
Isithombe: BACKPAGEPI­X NGUYE lona uLyle Lakay osanda kusayina kwiMamelod­i Sundowns

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa