Isolezwe

UKgoroge esikhaleni sikaBhulos­e kwiMbewu

- NOKUBONGWA PHENYANE

SIZOVALWA nguTony Kgoroge emdlalweni Imbewu: The Seed isikhala sikaMpumel­elo Bhulose okusanda kuvele izindaba zokuthi ukhonjwe afika ngayo.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uTony useqalile ukuqopha lo mdlalo futhi uzolingisa indawo kaZimele, ebilingisw­a uMpumelelo.

Kulo mdlalo uZimele ungusomabh­izinisi oyisikhulu enkampanin­i iMaluju.

“Indawo ebilingisw­a uMpumelelo bekungekho lula ukuthi iphele. UBhulose nophrojusa balo mdlalo sekuvele ukuthi kukhona ukungezwan­i phakathi kwabo, kangangoku­ba uMpumelelo useze wavulela uLeleti Khumalo ongomunye wabakhiqiz­i balo mdlalo icala. Uqale ukuqopha kulo mdlalo emasontwen­i adlule uTony,” kusho umthombo.

Lo mdlalo oqale ngo-Ephreli, ujatshulel­we ngabaningi ufika kodwa nezinkinga zasheshe zawukhunga­tha.

Okhulumela isiteshi sethelevis­hini i-e.TV, uMichael Pocock izolo ucele ukuthunyel­elwa i-e-mail wathi bazophendu­la kuyona.

Kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engaphendu­li.

Kwenzeka lokhu nje Isolezwe NgeSonto liveze ukuthi lesi siteshi esikhombis­a lo mdlalo sesimemeze­le ukuthi sisezinhle­lweni zokususa izithombe ezisezikha­ngisweni ezinomling­isi uMpumelelo Bhulose.

Lo mlingisi kuvele ukuthi uzogcina ukubonakal­a kulo mdlalo ngo-Agasti 16.

UMichael uveze ukuthi bamatasa nemifaneki­so emisha abazoyiseb­enzisa ezikhangis­weni zalo mdlalo.

 ?? Isithombe: SABC 1 ?? Imbewu: The Seed THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: SABC 1 Imbewu: The Seed THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa