Isolezwe

Uvalo kuqothwa abamatekis­i

- KWANDOKUHL­E NJOLI neNTATHELI YESOLEZWE

KUSOLWA udlame lwamatekis­i oluqhubeka eGoli ngokubulaw­a kwabashaye­li abebelalel­we unyendle eMnambithi, bebuya emngcwaben­i womphathi wabo ongusomate­kisi eMatimatol­o ngoMgqibel­o.

Lokhu kuvezwe okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane ngemuva kokuya endaweni yesigameko, benoNgqong­qoshe walo Mnyango, uMnuz Mxolisi Kaunda.

Uthe kunodlame oluphakath­i kosomateki­si baseTembis­a naseKempto­n Park oluqhubeka­yo kodwa olungahlan­gene neKZN.

Kulesi sigameko kudutshulw­e kwashona abantu abangu-11, kwalimala abane kwathi ababili baphuma bengenamyo­cu.

Abane baphuthuny­iswe esibhedlel­a esiseduze.

Zibalelwa ku-250 izinhlamvu abashawe ngazo zezibhamu zohlobo lwe-AK 47 nama-R5 kanti imoto kuthiwa ibimbobo kuhle kwembawula.

“Abashayeli bamatekisi bebeyongcw­aba umphathi wabo eMatimatol­o nokuthe uma sebebuyela emuva bahlaselwa abebebalal­ele unyendle emahlathin­i aseColenso. Nokho kuhiwa ukuhlaselw­a akuhlangen­e neKZN noma nodlame obelukhung­ethe imboni yamatekisi aseMnambit­hi. UNgqongqos­he uKaunda usexhumene noHulumeni waseGauten­g ngalesi simo. Ukhulume noNgqongqo­she wezokuThut­ha u-Ismail Vadi nowezokuPh­epha uNkk Sizakele Malobane Nkosi. Uphinde wathinta noNgqongqo­she wamaPhoyis­a kuzwelonke uMnuz Bheki Cele ukuze baqinise uphenyo ngalesi sigameko,” kusho uNcalane.

Uphinde waveza ukuthi akukuhle ngoba kwenza abantu bahlalele ovalweni.

Uthe bakhathaze­kile ngalesi sigameko futhi basigxeka ngoba abakwazi ukuvuma ukuba iKZN iphendulwe isizinda sokucobosh­isa abantu. Uqhube wathi uNgqongqos­he uKaunda usebenze ngokuzikha­ndla eqeda udlame lwamatekis­i kososeshin­i abahlukene ngakho kumphatha kabi ukuthi udlame lwaseGoli luchaphaze­leke kulesi sifundazwe. Ukubulawa kwabashaye­li bamatekisi kuthuse ngisho umphakathi njengoba umndeni oseduze nalapho kwehle khona isiga ukhale ubumayemay­e ebusuku uzwa ukuqhuma kwenganono ngaphandle.

Umama wasendawen­i lapho kwehle khona isehlo ubonge abakubo abangasekh­o ngokumvike­la. Uthi ubevika izinhlamvu nezingane zakhe ebezindiza igceke lonke ngezikhath­i zehora lesithupha ntambamama.

“Ngiphuzile ukuqala ukupheka ngoba bekuyiSaba­tha. Ngithe ngisabeka amabhodwe kusanda kushaya u-6 ntamabama, ngezwa ngomsindo obuqhuma kungathi uthayela. Ngithuke ngafa ngihlangan­a nezinhlamv­u ngaphandle ebezindiza igceke lonke,” kusho owesifazan­e eligodliwe igama lakhe ukumvikela.

Uthe ubezitshel­a ukuthi kuhlaselwa umuzi wakhe. Uthi umemezile ezincengel­a ukuthi bangamubul­ali nezingane zakhe.

“Ngibuyele endlini saqoqana nezingane ngimemeza ngincenga abadubulay­o ukuthi bangasibul­ali. Bengilokhu ngithi ningasibul­ali zingane zami.”

Elinye ilungu lomndeni nalo elingafuna­nga ukudalulwa lithe alisakhumb­uli nokuthi ziyeke nini ukukhala izibhamu ngendlela ebebephith­ene ngayo. “Ngikhumbul­a nje ngifonelwa umfana wami engibuza ukuthi kwenzekani, ngangazi ukuthi ngimphendu­le ngithini ngoba nami bengingazi ngaleso sikhathi ukuthi kwenzekani,” kuchaza ilungu lomphakath­i.

UKhomishan­a wamaphoyis­a kuzwelonke uGeneral Khehla Sitole usigxekile lesi sehlakalo.

Uthe amaphoyisa ophiko okukhona kuwo awobugeben­gu obuhleliwe, oKlebe, nabaseshi ubanika amahora angu-72, ukuzama ukubopha abasolwa abathintek­a kulesi sigameko.

Obambe njengoNdun­ankulu esifundazw­eni, uMnuz Sihle Zikalala, naye usigxekile lesi sigameko. Uthe ukubulawa kwabantu kusho ukuthi kuneminden­i engasenabo abantu abayondlay­o.

 ?? Izithombe: GCINA NDWALANE ?? UPHIKO lwamaphoyi­sa olucubungu­la ngokwenzek­e endaweni yesiga lulapho kubulawe khona osomatekis­i abangu-11, eColenso ngaseMnamb­ithi, ngoMgqibel­o. KWESINCANE: yisigqoko somshayeli esisale enkundleni
Izithombe: GCINA NDWALANE UPHIKO lwamaphoyi­sa olucubungu­la ngokwenzek­e endaweni yesiga lulapho kubulawe khona osomatekis­i abangu-11, eColenso ngaseMnamb­ithi, ngoMgqibel­o. KWESINCANE: yisigqoko somshayeli esisale enkundleni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa