Okuvezwe yintsha ekwiDlalanathi
INTSHA ifuna abazali bayo bakhulume bakhululeke nayo ngokugwema ukukhulelwa kwabantu abasha besafunda nezinye izinkinga abazithola bebhekana nazo.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuhlangene abantu abasha baseMgungundlovu, eSweetwaters, abasenhlanganweni esiza abantu abasha iDlalanathi.
Laba bantu abasha abafunda ezikoleni zamabanga aphakeme ezahlukene, amagama abo agodliwe ukuze bavikelwe ngenxa yeminyaka yabo, bathe kuyabahlupha ukuthi abazali babo bayasaba ukuxoxa nabo ngocansi, ukukhulelwa negciwane lengculazi.
“Abazali bethu bayasaba ukukhuluma nathi ngocansi nangokukhulelwa nokufanele sikwenze ukuzivikela ukuze singangenwa yigciwane lengculazi,” kusho omunye wabafundi.
Bebekhuluma emcimbini obekukhona kuwona umlingisi wakuleli ozinze phesheya, uCharlize Theron, oxhase iDlalanathi ngaphansi kwenhlangano yakhe iCharlize Theron Africa Outreach Project (CTAOP).
Bathe bafisa sengathi abazali babo kungaba yibo abaqala izingxoxo ezisuke zithinta lezi zinkinga ngoba kunzima kubona njengabantu abasha ukuthi bakwenze. “Kunzima ukuthi ngingaqala mina ngikhulume nomzali wami ngoba uma ngithi ngikhuluma ngale zinto kuba sengathi sengiqalile ngiyazenza,” kusho omunye umfundi.
Baphinde bakhala ngokusetshenziswa kwezidakamizwa ikakhulu utshwala. Bathe utshwala sebuphuzwa kakhulu yintsha futhi ezinye izingane zibuphuza ngoba zithengelwa abazali.
“Uma ungaphuzi kuba sengathi awungcono. Kunomunye umngani azixhasayo ukuthi yenza kanjani.
Uxoxele intsha ngendlela okwamhlukumeza ngayo ukuphuza kukayise ngokweqile kodwa waveza ukuthi kwaba ngcono kuyena ngesikhathi eseqonda ukuthi ukuphuza kwabantu ngokweqile kuyisifo abadinga ukusizwa kusona. Uphinde waveza ukuthi kubalulekile ukuthi elakuleli lithole indlela yokulwa ngokunganakwa kwenkinga yokuphuza egcina ithikameza impilo yezingane.
“Ngesikhathi ngisafunda ekekho umuntu owayekhuluma ngalezi zinto. Ngaba nenhlanhla yokuthi nganginomama owayenesibindi sokuthi akhulume nami ngokukhululeka kodwa emphakathini wethu akekho owayenza lokho. Engingakwenza wukugqugquzela abantu abasha ukuthi bangazifihli izinto ezibashisayo kodwa babhekane nazo,” kusho uTheron.
Uthe uma abantu abasha bekhuluma ngezinto ezibakhathazayo bayakwazi ukumelana nazo bazinqobe.