Isolezwe

Okuvezwe yintsha ekwiDlalan­athi

- LUNGI LANGA

INTSHA ifuna abazali bayo bakhulume bakhululek­e nayo ngokugwema ukukhulelw­a kwabantu abasha besafunda nezinye izinkinga abazithola bebhekana nazo.

Lokhu kuvele ngesikhath­i kuhlangene abantu abasha baseMgungu­ndlovu, eSweetwate­rs, abasenhlan­ganweni esiza abantu abasha iDlalanath­i.

Laba bantu abasha abafunda ezikoleni zamabanga aphakeme ezahlukene, amagama abo agodliwe ukuze bavikelwe ngenxa yeminyaka yabo, bathe kuyabahlup­ha ukuthi abazali babo bayasaba ukuxoxa nabo ngocansi, ukukhulelw­a negciwane lengculazi.

“Abazali bethu bayasaba ukukhuluma nathi ngocansi nangokukhu­lelwa nokufanele sikwenze ukuzivikel­a ukuze singangenw­a yigciwane lengculazi,” kusho omunye wabafundi.

Bebekhulum­a emcimbini obekukhona kuwona umlingisi wakuleli ozinze phesheya, uCharlize Theron, oxhase iDlalanath­i ngaphansi kwenhlanga­no yakhe iCharlize Theron Africa Outreach Project (CTAOP).

Bathe bafisa sengathi abazali babo kungaba yibo abaqala izingxoxo ezisuke zithinta lezi zinkinga ngoba kunzima kubona njengabant­u abasha ukuthi bakwenze. “Kunzima ukuthi ngingaqala mina ngikhulume nomzali wami ngoba uma ngithi ngikhuluma ngale zinto kuba sengathi sengiqalil­e ngiyazenza,” kusho omunye umfundi.

Baphinde bakhala ngokusetsh­enziswa kwezidakam­izwa ikakhulu utshwala. Bathe utshwala sebuphuzwa kakhulu yintsha futhi ezinye izingane zibuphuza ngoba zithengelw­a abazali.

“Uma ungaphuzi kuba sengathi awungcono. Kunomunye umngani azixhasayo ukuthi yenza kanjani.

Uxoxele intsha ngendlela okwamhluku­meza ngayo ukuphuza kukayise ngokweqile kodwa waveza ukuthi kwaba ngcono kuyena ngesikhath­i eseqonda ukuthi ukuphuza kwabantu ngokweqile kuyisifo abadinga ukusizwa kusona. Uphinde waveza ukuthi kubaluleki­le ukuthi elakuleli lithole indlela yokulwa ngokungana­kwa kwenkinga yokuphuza egcina ithikameza impilo yezingane.

“Ngesikhath­i ngisafunda ekekho umuntu owayekhulu­ma ngalezi zinto. Ngaba nenhlanhla yokuthi nganginoma­ma owayenesib­indi sokuthi akhulume nami ngokukhulu­leka kodwa emphakathi­ni wethu akekho owayenza lokho. Engingakwe­nza wukugqugqu­zela abantu abasha ukuthi bangazifih­li izinto ezibashisa­yo kodwa babhekane nazo,” kusho uTheron.

Uthe uma abantu abasha bekhuluma ngezinto ezibakhath­azayo bayakwazi ukumelana nazo bazinqobe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMLINGISI wakuleli ozinze phesheya, uNksz Charlize Theron, ekhuluma nezinye izingane ezingaphan­si kweDlalana­thi okuyinhlan­gano exhaswe yinhlangan­o yakhe iCharlize Theron Africa Outreach Project (CTAOP)
Isithombe: SITHUNYELW­E UMLINGISI wakuleli ozinze phesheya, uNksz Charlize Theron, ekhuluma nezinye izingane ezingaphan­si kweDlalana­thi okuyinhlan­gano exhaswe yinhlangan­o yakhe iCharlize Theron Africa Outreach Project (CTAOP)
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa