Isolezwe

Sezikwenye indawo izingane zesikole sezinyoka

- NOSIPHO MNGOMA

SEZITHOLEL­WE indawo entsha yokufunda izingane zasesikole­ni saseDundee ebesigcwel­e izinyoka.

Isikole iDundee Junior Secondary ebesinamak­ilasi amadala sesihleli sodwa manje silinde ukudilizwa njengoba kulindelek­e ukuthi kwakhiwe kabusha ngoNovemba nonyaka.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe abafundi abalingani­selwa ku-900 bayiswe emahhovisi omnyango aseNdumeni.

“Kunamakila­si angu-21 angomahamb­anendlwana kuleya ndawo anamathoyi­lethi angu-18 namahhovis­i ayisishiya­galolunye othisha nothishanh­loko,” kusho uMahlambi.

Isikole obekufunde­la kusona abafundi bese sisidala nokwenze ukuthi abazali babhikishe bakhiphe izingane kusona bethi azifundele emahhovisi esifunda kuze kwakhiwe amakilasi asesimeni esifanele. Esinye sezigameko esishiye abazali becasukile kube ngesenyoka eyakhwifa ubuthi komunye umfundi osemncane.

UMnuz Mzwakhe Sithebe wenhlangan­o yomphakath­i iNdumeni Civic Associatio­n, uthe kwakungafa­nele ukuthi kuze kufike ekutheni abazali bezingane babhikishe bavale isikole ukuze umnyango wenze okufanele.

Uthe lokhu kuyasho ukuthi kukhona igebe elikhulu phakathi kwabantu nohulumeni okufanele engabe usebenzela bona.

Ngokusho kukaMahlam­bi ukususa abafundi babayise kwenye indawo nokwenza izinhlelo zokuthi kwakhiwe akwenziwan­ga wukuthi bebexakwe yingcindez­i yabazali kodwa bebenzela izingane bezama ukusheshis­a noma bekunemiba­ndela ethile obekufanel­e bayilandel­e.

“Bakuphakam­isile sabe sesilalela. Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi siqhamuke necebo kodwa besingeke sisuse izingane singenanda­wo esizozifak­a kuyo,” kusho uMahlambi.

UMahlambi uthe uMnyango wezeMisebe­nzi yoMphakath­i ulinde ukunikwa okhiye besikole esidala ukuze baqale ukusebenza.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Gift Gaysman, uthe kulindelek­e ukuthi okhiye babathole ngesonto elizayo uma sekususwe yonke impahla yesikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa