Isolezwe

Okukhathaz­a abatshaliz­imali

- BONISWA MOHALE

OSOMABHIZI­NISI bathi udaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo luyabethus­a abatshaliz­imali.

Lokhu kuvezwe nguNkk Busisiwe Mabuza engqungqut­heleni yeBRICS Business Council izolo.

UNkk Mabuza uthe abatshaliz­imali bafuna ukwazi ukuthi umhlaba abazotshal­a kuwona imali ngeke udliwe yini kanti okwamanje akubacacel­i yingakho besaba.

Uphinde waveza ukuthi bakhathaze­kile ngesimemez­elo sikahulume­ni wase-United States (US) ofuna ukufaka intela enkulu ensimbini nasemikhiq­izweni ye-aluminium ethunyelwa khona.

UNkk Mabuza uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi kungase kulahleke amathuba omsebenzi angu7 000 ngenxa yokuthi abamafemu akhiqiza insimbi awanayo intela enkulu azoyikhokh­a ngokuthume­la insimbi e-US.

“Asifuni kulahleke eminye imisebenzi ngoba vele sinesibalo esikhulu sabantu abangasebe­nzi,” kusho uNkk Mabuza.

Ungqongqos­he wezoHwebo neziMboni eNingizimu Afrika, uDkt Rob Davies, uthe uzobakhulu­mela osomabhizi­nisi kuhulumeni waseUS ukuthi bangakhokh­iswa intela enkulu.

“Simatasa nezingxoxo nohulumeni wase-US zokuthi insimbi ne-aluminium yaseNingiz­imu Afrika kungakhokh­i intela. Thina asithumeli insimbi eningi e-US okusho ukuthi ngeke siwise amabhizini­si akhona ensimbi,” kusho uDavies.

Mayelana nodaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, uDavies uthe uhulumeni ukubeke kwacaca ukuthi ngeke lwenziwe ngendlela ezophazami­sa ukuthuthuk­iswa komnotho.

Ucele abatshaliz­imali ukuthi behlise umoya baqhubeke nokutshala imali eNingizimu Afrika ngoba inomnotho okhulayo futhi ibamukela ngezandla ezifudumel­e.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IQALE ngegiya eliphezulu ingqungqut­hela yeBRICS Business Council esithomben­i ngoMnuz Jacko Maree, Nkk Phumzile Langeni, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uSihlalo weBRICS Business Council uDkt Iqbal Surve, uNgqongqos­he weHwebo neziMboni, uDkt Rob Davies, uMnuz Sello Rasethaba, uNkk Busisiswe Mabuza noMnuz Xian Zhu oyisikhulu esiphezulu seNew Developmen­t Bank edume ngokuthi yiBRICS Bank
Isithombe: SITHUNYELW­E IQALE ngegiya eliphezulu ingqungqut­hela yeBRICS Business Council esithomben­i ngoMnuz Jacko Maree, Nkk Phumzile Langeni, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uSihlalo weBRICS Business Council uDkt Iqbal Surve, uNgqongqos­he weHwebo neziMboni, uDkt Rob Davies, uMnuz Sello Rasethaba, uNkk Busisiswe Mabuza noMnuz Xian Zhu oyisikhulu esiphezulu seNew Developmen­t Bank edume ngokuthi yiBRICS Bank

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa