Isolezwe

‘Kuzotshalw­a uR200bn kwingqalas­izinda eKZN’

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, uveze ukuthi uhulumeni wesifundaz­we uzosebenzi­sa u-R200 billion ukuthuthuk­isa ingqalasiz­inda eminyakeni eyisikhomb­isa ezayo.

UZikalala ongundunan­kulu obambile uveze lezi zindaba izolo ngesikhath­i enomhlanga­no nabahambel­e ingqungqut­hela yeBRICS Business Council eseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, (ICC) eThekwini.

“Sizothuthu­kisa imigwaqo, izikhumulo zamabhanoy­i, imizila yezitimela, ingqalasiz­inda yamanzi nokuthuthw­a kwendle, eyokuthuny­elwa kukagesi neyasolwan­dle. Sigqugquze­la ukuthi izinkampan­i ezizimele zisebenzis­ane nohulumeni ukuze sithuthuki­se umnotho,” kusho uZikalala.

Ucele nabamazwe eBRICS ukuthi batshale imali KwaZulu-Natal ukuze kuthuthuke umnotho wesifundaz­we.

Ubonge umphathi weSekunjal­o ne-Independen­t Media eshicilela Isolezwe, uDkt Iqbal Survé obuye abe nguSihlalo weBRICS Business Council ngokuza kwale ngqungquth­ela esho ukuthi izovula amathuba omnotho.

“Sizosebenz­isana namazwe eBRICS ukuqinisek­isa ukuthi umnotho wethu uyathuthuk­a nosomabhiz­inisi bazuza amathuba kulobu buhlobo bamazwe afuna ukuthuthuk­isa iminotho yawo. Sifuna nazi ukuthi sino-oyela negas esidinga abazoseben­zisana nathu kuyo. Sinesikhun­go esibizwa ngeRichard­s Bay Industrial Developmen­t Zone lapho umuntu ofuna ukutshala imali ezothola zonke izinsiza,” kusho uZikalala.

Uthe kunesikhun­go esisiza abatshaliz­imali ngazo zonke izidingo zabo esibizwa nge-One Stop Shop lapho befike bathole amaphepha okusebenza, okusho ukuthi abadingi ukugqigqa eminyangwe­ni ehlukene kahulumeni. UDkt Surve uthe umnotho waseNingiz­imu Afrika ulinde abatshaliz­imali futhi nohulumeni unohlelo lokuthuthu­kisa umnotho olubizwa nge-Vision 2030.

Uthe iBRICS ibalulekil­e ekuthuthuk­iseni iNingizimu Afrika ngoba uma kuthuthuki­swa ingqalasiz­inda kuvela amathuba omsebenzi okusho ukuthi abantu abaduve emakhaya bazothola amathuba.

UZikalala uthe ujabulile ngokuthulw­a kweBRICS Skills Challenge ezoqinisek­isa ukuthi abantu bamazwe eBRICS banamakhon­o adingekayo.

Ucele uDkt Surve ukuthi agqugquzel­e ozakwabo kwezamabhi­zinisi ukuthi batshale imali KwaZuluNat­al bathuthuki­se namathuba entsha eswele umsebenzi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa