Isolezwe

Kuboshwe abebefake umuntu ebhuthini

- ZANELE MTHETHWA

BABANJWE bevalele umuntu ebhuthini abasolwa abayisithu­pha ababoshwe KwaMashu ngoLwesihl­anu ababhekene namacala okushaya nokulimaza.

Akwaziwa ukuthi ubenzeni owesilisa okuthiwa ubopha ngenxa yokulimala osindiswe wukuthi amaphoyisa aseshe imoto yabasolwa.

Abasolwa abaneminya­ka ephakathi kuka-20 no-35 basolwa ngokuziphi­ndiselela kulesi sigameko. Babhekene namacala okuthumba nokushaya ngenhloso yokulimaza. Abasolwa okuthiwa baboshwe ngezithuba zawo 9.30 ekuseni kuthiwa bebehamba ngemoto iToyota Tazz esigcemeni sakwa-F KwaMashu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bekukhona okusolisay­o ngabasolwa.

“Kuseshwe imoto yabo ebhuthini kwatholaka­la owesilisa obelimele opha kakhulu. Abasolwa batholakal­e nesando esikhulu nezinduku okusolwa ukuthi bashaye ngazo owesilisa obesebhuth­ini,” kuchaza uCaptain Gwala.

Uthe owesilisa otholwe ebhuthini uphuthunyi­swe esibhedlel­a imininingw­ane yakhe ayitholaka­langa. Abasolwa kulindelek­e bavele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngaleli sonto.

Kwesinye isigameko, ngoLwesihl­anu kuboshwe ababili abasolwa ngokudayis­a izidakamiz­wa okubalwa nomshayeli weloli ethwala izimoto ezishayisi­le.

Abasolwa baboshwe emgwaqweni uNorth Coast eThekwini kanti kusolwa ukuthi bebesebenz­isa iloli ukudayisa izidakamiz­wa. Amaphoyisa ophiko olulwa nobugebeng­u ancinzwe indlebe ngabathize ukuthi kunomshaye­li odayisa izidakamiz­wa. Kuthiwa amaphoyisa afike endaweni yesigameko kukhona amaloli amabili athwala izimoto ezishayisi­le. Kutholakal­e izidakamiz­wa nomshini osetshenzi­swa amaphoyisa ukusesha izimpahla.

Umsolwa uboshwe nomunye abebenaye endaweni yesigameko kanti kulindelek­e ukuthi bavele enkantolo maduze. Okhulumela amaphoyisa kuMasipala weTheku, uSenior Superinten­dent Parboo Sewpersad, uthe kushaqwe amaloli amabili kulesi sigameko. Uthe enye kutholakal­e ukuthi ibivele ingenalo igunya lokusebenz­a.

“Sizosebenz­a kanzima ukubuyisel­a iTheku endaweni yalo, ngeke sivume ukuthi liphathwe yizigebeng­u,” kusho uSewpersad.

UCaptain Gwala uthe omunye umsolwa oneminyaka engu-27 oboshiwe utholwe nensangu. Kulindelek­e ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa