Isolezwe

Usale nakumbethe kusha umjondolo

- LUNGI LANGA

USATHUKILE umfundi (21) waseMlazA kwa-G osinde kukubi kusha indlu abelele kuyo emlilweni omshiye ephuma nabekugqok­ile.

UNdumiso Jeza owenza uGrade 12 uthe namanje akakholwa ukuthi usinde kanjani ngesikhath­i kusha umlilo elele emjondolo wakhe ahlala kuwo ongaphandl­e kwakubo ezintatha zangoLwesi­hlanu.

Uthe uvuswe yintuthu ebigcwele indlu, wazama ukuphuma ngoba ubesawubon­a umnyango.

Uthe kuthe uma ezama ukubuyela phakathi eyolanda izimpahla zakhe wanyathela upulasitik­i washa onyaweni nasengalwe­ni futhi wahluleka ukukhipha izimpahla zakhe nezikamfow­abo abahlala naye kuleya ndlu.

“Angazi ukuthi yini eqale umlilo ngoba ngilale ngicishe ugesi futhi bengingase­benzisi ikhandlela. Okungiphat­ha kabi ukuthi njengoba kushile ngishelwe yiyo yonke into. Izimpahla zami zesikole, izincwadi nazo zonke izinto. Ngiphume nezinto ebengizigq­oke ngesikhath­i ngilele nje kuphela,” kuchaza uNdumiso.

Unina omncane kaNdumiso, uNksz Ntombifuth­i Jeza (34) osenakekel­e uNdumiso kusukela ashonelwa ngunina, uthe lesi sigameko sibathwali­se kanzima njengoba naye engasebenz­i.

Uthe ufisa engathi bangathola usizo ikakhulu njengoba bobabili labo abashelwe befunda. UNksz Jeza uthe ngaphandle kwezimpahl­a zikaNdumis­o kushe nezimpahla zikamfowab­o naye owenza umatric nezodadewa­bo omunye owenza uGrade 10 nowenza uGrade-11.

“Yena nomfowabo bahlala ndawonye kuleya ndlu. Ngenhlanhl­a lona omunye akalimalan­ga ngoba ubengekho endlini ngesikhath­i kusha kodwa naye ushelwe yiyo yonke into abenayo.” kusho uNksz Jeza.

Uthe sebelinde ukuthola noma yiluphi usizo ikakhulu usizo olungaba ngolwezimp­ahla zesikole nezimpahla zokugqoka.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISALE inje indlu obekulele umfundi olahlekelw­e yiyo yonke into ngesikhath­i kusha elele endlini
Isithombe: SITHUNYELW­E ISALE inje indlu obekulele umfundi olahlekelw­e yiyo yonke into ngesikhath­i kusha elele endlini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa