Isolezwe

Bathuka izanya abe-Uber neTaxify

- S’MANGELE ZUMA

SEBEHAMBEL­A kude neChesterv­ille abashayeli bezimoto ezincane ezithutha abantu zeTaxify ne-Uber.

Lokhu kulandela ukungqongi­swa kwemoto yakwaTaxif­y emgwaqweni uMahlathi, eChestervi­lle, ngoLwesihl­anu ebusuku.

Kuthiwa lo mshayeli ongowakhon­a eChestervi­lle usathuka izanya ngemuva kokubona imoto yomqashi wakhe isha iba ngumlotha phambi kwakhe.

Ngokusho komthombo, lo mshayeli uthole isicelo efonini sabantu abathe bakulo mgwaqo lapho ekushiswe khona imoto ngo-8 ebusuku.

“Laba bantu bazenze amakhasime­nde kanti bayamlutha. Uthe efika khona wavinjwa imoto iToyota Corolla emhlophe ebihamba amadoda amathathu. Amkhiphe emotweni maqede ayibhunyel­a ngophethro­li ebuka. Ngenhlanhl­a yena abazange bamenze lutho,” kusho umthombo.

Uthe lo mshayeli bamshiye evevezela njengoba bakubeke kwacaca ukuthi ngokuzayo ngeke asinde.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwalo mshayeli ayizange iphumelele, ucele ukungaphaw­uli, ukuvikela ukuphepha kwakhe nomndeni wakhe.

Kunezinsol­o zokuthi uhlaselwe ngosomatek­isi bakhona eChestervi­lle ngemuva kokuthi ngoLwesihl­anu olwedlule osomatekis­i bososheshi­ni abahlukene eThekwini okubalwa nowaseChes­terville “bethumbe” abashayeli bakwaTaxif­y no-Uber nezimoto zabo.

Labo somatekisi kuthiwa babasabisa laba bashayeli babafuna uR5 000 ukukhulula imoto ngayinye.

Omunye umshayeli weTaxify obeveva ngemuva kokuzwa ngalesi sigameko uthe ngesikhath­i bevinjezel­we enkundleni yezemidlal­o ngeledlule, osomatekis­i basabisa ngokuzishi­sa lezi zimoto abasebenza ngazo.

“Siyesaba ngoba sebenza le nto ababeyisho ukuthi bazozishis­a izimoto. Asazi ukuthi kungani besilwisa ngoba sisebenza ngokusemth­ethweni. Sinxusa uhulumeni usilekelel­e ungenelele ngoba kuyacaca ukuthi balwa nathi.

“Inkinga ukuthi kukhona abanye babo abanazo izimoto zakwa-Uber noTaxify. Uma sebesihlas­ela bazihlalis­a emakhaya izimoto zabo,” kusho lo mshayeli.

Uthe ngoMsombul­uko (namhlanje) bazohambel­a isiteshi samaphoyis­a aseCato Manor ukuyonxusa umphathi siteshi waso ukuthi aqikelele ukuphepha kwabo uma besebenzel­a eChestervi­lle.

“NgoLwesine kukhona nezimoto ezivinjwe emgwaqweni uFlorida, eMorningsi­de. Ngakho akukho lapho engathi siphephile khona. Siyesaba ngoba sithwala abantu. Bakhala ngokuthi asinazo izincwadi ezisigunya­zayo ukusebenza kodwa akusikho okwabo lokho. UMnyango wezokuThut­ha okumele usitshele lokho,” kusho lo mshayeli othe yena usamile ukusebenza.

Usihlalo kasoseshin­i waseCheste­rville, uMnuz Mbongeni Mkhize, uthe uzwile ngesigamek­o kodwa bayaziqhel­elanisa naso.

“Yingakho sasithi kumele isheshe ilungiswe le nto kungaze kungenelel­e nabantu abanodlame. Thina besisazama ukuyilungi­sa ngomlomo. Baningi abantu abangeneme ngokuseben­za kwezimoto ze-Uber nezeTaxify, manje sebecasha ngathi,” kusho uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokucekela phansi impahla ngemuva kokushiswa kwemoto.

“Akukaboshw­a muntu , uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uGwala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa