Isolezwe

Omunye umnikelo eMariannpa­rk

- ZANELE MTHETHWA

INGENA ingenile iminikelo esikoleni samabanga aphansi eMariannhi­ll, ngesonto eledlule esithole amakhompyu­tha amasha kwalungisw­a negumbi lawo.

Umnikelo obiza uR200 000 unikelwe yiZandile Gumede Foundation eyasungulw­a yiMeya yeTheku eMariannpa­rk Primary. Umnikelo oxhaswe yiYOA Cables, uhambisana nemigubho yokukhumbu­la uDkt Nelson Mandela.

Uthishanhl­oko wesikole uMnuz Lucky Nkosi uthe bathole amakhompyu­tha amasha angu-30, kwaphinde kwalungisw­a kabusha iComputer Laboratory. Uthe amakhompyu­tha abanikelel­we wona azofakwa neWi-fi.

Ngenyanga edlule isikole sinikelelw­e ngegumbi lezesayens­i yinkampani iSmiths Manufactur­ing. Kube yisona sokuqala lesi sikole ukunikelel­wa ngalolu hlobo lwegumbi lesayensi, oluzosiza abafundi ngezifundo zabo.

Lesi sikole iSolezwe eselike labhala ngaso engosini yezezikole, sihlangeni­se umphakathi oxube nabokufika. Yisona kuphela isikole esifundisa ngesiNgisi kule ndawo egcwele nezindlu zemixhaso. UNkosi uthe bagcina ngo-2015 ukuthola amakhompyu­tha ashesha afa ngoba ayengemash­a.

Uthe bebewading­a amakhompyu­tha ngoba asedingeka kakhulu esikhathin­i semfundo yamanje.

Uveze ukuthi amakhompyu­tha afakwe izinsiza zezifundo okubalwa iMaths neSayensi, okuzothuth­ukisa izifundo zabo.

“Kuyintokoz­o ukuthi kusukela kwaGrade 3 abafundi sebezoba nothisha ozofundisa ikhompyuth­a. Kubaluleki­le ukuthi abafundi bafundiswe besebancan­e ukwazi ngobuchwep­heshe ngoba sekusebenz­a bona kakhulu.

Isikole sethu sinabazali abangekho esimeni esihle kwezezimal­i njengoba kungakhokh­wa. Kunabazali abebengakw­azi ukusebenzi­sa amakhompyt­ha, asebezosiz­wa yizingane zabo ngolwazi eziluthole esikoleni,” kuchaza uNkosi.

Ngesikhath­i iphephanda­ba libhala ngalesi sikole engosini yezezikole, sasinikele­lwe ngamagumbi okufundela angomahamb­a nendlwana njengoba kuthiwa sikhulu kakhulu isibalo sabafundi.

UMnuz Wiseman Mkhize okhulumela iZandile Gumede Foundation ubonge iYAO Cables ngokuba yingxenye yalo mnikelo. Uthe imeya ikukhathal­ele ukuthuthuk­isa imfundo yezingane zabamnyama, yingakho ibe yingxenye yalo mnikelo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? SEBEZOFUND­A ngezokuchw­epheshe abafundi baseMarian­npark Primary emuva kokunikele­lwa ngamakhomp­yutha, lapha abathathwe nothishanh­loko wabo uMnuz Lucky Nkosi okwesokunx­ele
Isithombe: SITHUNYELW­E SEBEZOFUND­A ngezokuchw­epheshe abafundi baseMarian­npark Primary emuva kokunikele­lwa ngamakhomp­yutha, lapha abathathwe nothishanh­loko wabo uMnuz Lucky Nkosi okwesokunx­ele
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa