Isolezwe

Umkhosi ohlatshwa yiDA koluthinta intela

- BONISWA MOHALE

I-DA icela abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi baseke umkhankaso wayo wokuthi kwehliswe intela obizwa nge#StopTheTax­Attack ukuze uhulumeni eze namaqhinga okwehlisa izindleko zokuphila.

Esitatimen­deni uMnuz Solly Malatsi, okhulumela iDA kuzwelonke, uthe ngo-Agasti abantu bazokhokha u-33% owengeziwe uma begcwalisa izimoto zabo.

Wenze isibonelo sokuthi uma ugcwalisa imoto ngoAgasti u-33%, okuwuR265, uzoya kuhulumeni ngenxa yentela ekhokhwayo kuphethrol­i.

Uthe abagibela amatekisi bazokhokha uR300 owengeziwe emalini yabo yokugibela.

“Abantu bathwele kanzima ngoba izindleko zokuphila ziphezulu. Siyabacela ukuthi basayine incwadi yethu yokucela uhulumeni ukuthi ehlise intela ayibeke emahlombe ethu. Unyuse intela ekhokhwa uma uthenge izimpahla, kwanyuka intela ekhokhwa ngabaseben­zayo, ekhokhwa ngamaxhwel­e nabaphuzay­o, ekashukela kanjalo nekaphethr­oli eningi eya enhlanganw­eni esiza abalimele ezingozini zomgwaqo,” kusho uMalatsi.

Uthe uhulumeni kufanele ehlise intela kaphethrol­i ngo-20% futhi ayibuyisel­e ku-14% intela ekhokhwa uma uthenge izimpahla.

Uphethe ngokuthi incwadi yabo itholakala kwiwebsite yeDA.

Khonamanja­lo kunyuke imali yokugibela amatekisi neyamabhas­i kaMasipala weTheku iDurban Transport.

AbeDurban Transport bathe bekufanele banyuse imali yokugibela ngenxa yezindleko zokuphatha amabhasi.

Baveze ukuthi ngenyanga basebenzis­a amalitha angu1.3 million kaphethrol­i kanti uma unyuka ngoR2 ilitha kusho ukuthi bazokhokha uR2.6 million ngenyanga.

Baphinde baveza ukuthi nokunyuswa kwamaholo ngo-10% kwenze banyusa imali yokugibela ngoba kusho ukuphuma komunye uR2 million esikhwamen­i sabo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa