Isolezwe

Asethembe ukuthi i-ANC isizogxila kokudingwa abantu

-

NGOMGQIBEL­O ingqungqut­hela ye-ANC KwaZulu-Natal iphothuliw­e kwakhethwa ubuholi obusha okubonakal­a sengathi bamukelwa yiwona wonke umuntu.

UKhongolos­e usazoholwa uMnuz Sihle Zikalala ophinde waqokwa njengosihl­alo, iphini lakhe kwaba nguMnuz Mike Mabuyakhul­u.

UZikalala wayekade vele engusihlal­o emuva kwengqungq­uthela yango-2015 ngaphambi kokuthi inkantolo iyichithe imiphumela yokhetho.

Uqhekeko kwi-ANC lwandile ngesikhath­i kubhekwe engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi bukazwelon­ke eNasrec, eGoli, nyakenye. UZikalala wayehamba nababeseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma bese kuthi uMabuyakhu­lu aseke uMengameli Cyril Ramaphosa.

Emva kokuqokwa okokuqala kwabakhona ongqongqos­he abaxoshway­o ezikhundle­ni zabo. Omunye wabo kwaba nguMabuyak­hulu.

Nakuba kube nezihibe kancane ngaphambi kokuthi kuqalwe ngoLwesine ngenxa yamalungu aye enkantolo eyozama ukumisa ingqungqut­hela, kodwa angaphumel­ela, lilonke ihambe kahle.

Ukuphumele­la kwengqungq­uthela kusho ukuthi i-ANC igcine isitholile isisombulu­lo ezinkingen­i ebeziyihlu­kanise phakathi.

Nakuba kungeke kwashiwo ukuthi sekuphelil­e nya ukungaboni ngaso linye kodwa igxathu inhlangano elithathil­e libaluleki­le futhi lizoyiyisa phambili. Kuyancomek­a nokuthi uMengameli Ramaphosa wethule inkulumo ngaphandle kokuphazan­yiswa.

Njengoba i-ANC kuyiyo inhlangang­o ebusayo kumqoka ukuthi ihlukane nokugxila ezimpini zangaphaka­thi ngoba lokho kuphazamis­a umsebenzi kahulumeni ogcina ungasenzek­anga kahle ngoba abantu balibala wukuklwebh­ana bagcine bengasaseb­enzi.

Okunye obekukubi ngoqhekeko wukuthi bekuholela nasekuthen­i amanye amalungu agcine ebulalana ngenxa yokungabon­i ngasolinye kwabaholi.

Asethembe ukuthi kusukela manje bazogxila emsebenzin­i wokuhambis­a izidingo kubantu hhayi ukulwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa