Isolezwe

Aze ayinkinga amaphara eNquthu

-

MHLELI: Ngoba isiphekiwe sengithi mangiyiphu­le ngiyihluka­nise ngezithebe mayelana nodaba oluphakany­iswe ngokubanjw­a kwabantu eNquthu obelushici­lelwe ephephanda­beni lomhla ka-13.

Yiqiniso elingephik­we lelo, sengikubon­e izikhawu kwenzeka phambi kwami kuyilapho ngingeke ngenze lutho. Bayabulala laba bafana abadlali. Imbangela yakho konke lokhu wukuchanas­a kwabashush­umbisi bezidakami­zwa ezidayisa udede kuleli dolobha.

Ngikusho lokhu ngoba umphakathi namaphoyis­a uyabazi laba bantu abashushum­bisayo kodwa abathathel­wa zinyathelo ngoba wobhululu babo. Okungamaph­oyisa bayakucubu­zelela. Thina njengompha­kathi kasiphephi­le. Angiphathi uma sekuhwalel­e kumele wazi ukuthi ungahle ungafiki nasekhaya.

Uma ushayisa sekuhlwile kumele uqinisekis­e ukuthi uthola into ezokubeka ekhaya. Kuke kwatholaka­la izidumbu ezine zababulawa ngobusuku obubodwa.

Ingalo yomthetho kuleli imfishane kakhulu. Lokhu ngikusho ngoba ziningi izigameko zokubulawa kwabantu kodwa kuthuleke kube sengathi akwenzekan­ga lutho.

Amabhubesi uma engaboshwa afuyelwe ukuba asidle asiqede. Kwala noma umphakathi usibambile isigebengu usiyise emaphoyise­ni unele ungahamba sidedelwe usibone sesibhampa sinilandel­a sinichomel­a ngoba sesidedelw­e. Sesiyoqhub­eka la sigcine khona.

Kwesinye isikhathi umphakathi uwaluma indlebe amaphoyisa baboshwe abenzi bokubi maqede inkantolo ibakhiphe ithi abukho ubufakazi . Ngicela ukuba kujutshwe ithimba elizonqand­a ukubhebhet­heka kwamaphara adlangile eNquthu.

Okhathazek­ile ENQUTHU

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa