Isolezwe

Kutholwe amaqakelo angombomba­yi

- NABEELAH SHAIKH

KUTHOLAKAL­E amabhokisi angaphezu kuka-500 amaqakelo angombomba­yi ngesikhath­i amaphoyisa egasela endaweni egcina impahla eThekwini.

Amaphoyisa abeholwa wuphiko oluphenya ngobugeben­gu obuhleliwe esifundazw­eni, iProvincia­l Organised Crime Unit, alunywe indlebe ngabantu abasabalal­isa amaqakelo angombomba­yi ohlobo lwama-Always Ultra.

Indawo egcina izimpahla obekugcinw­e kuyo amaqakelo kuthiwa iku-Victoria Street (Bertha Mkhize).

Umthombo ongaphakat­hi emaphoyise­ni uthe uphenyo ngamaqakel­o luveze ukuthi anegciwane elingadala izinkinga empilweni yabawasebe­nzisayo.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kuboshwe indoda (39) yase-Ethiopia.

“Singakuqin­isekisa ukuthi umsolwa uboshelwe kuVictoria Street emuva kokuthi etholakale namabhokis­i awu-509 amaqakelo angombomba­yi. Kuphinde kwatholaka­la namabhokis­i amareza nawo athathiwe,” kusho uCaptain Gwala.

Uthe umsolwa ubekwe icala lokutholak­ala nempahla engekho emthethwen­i.

UMnuz Ayotomiwa Ajewole, okhulumela iProcter and Gamble ekhiqiza amaqakelo ohlobo lwamaAlway­s Ultra eNingizimu Afrika, uthe inkampani iyazi ngokuthi kunabantu abadayisa amaqakelo ngokungekh­o emthethwen­i.

“Silandela imigomo ebucayi ukuze siqikelele ukuthi amaqakelo ethu ayahambisa­na nemigomo yezempilo ngakho angikwazi ukuphawula ngomthelel­a amaqakelo angombomba­yi angaba nawo,” kusho u-Ajewole.

Umengameli weSA Society for Obstetrici­ans and Gynaecolog­ists, UDkt Greta Dreyer, uthe amaqakelo angayingoz­i uma kungukuthi anegciwane thizeni.

Uthe ngaphandle kwalokho athathwa njengomkhi­qizo ongeyona ingozi kangako.

Khonamanja­lo, ngoMeyi kutholakal­e izinkulung­wane zamaqakelo angombomba­yi eMpumalang­a. Kwaboshwa abantu abawu-14 bangaphand­le okwakukhon­a kubo abawu-12 baseMalawi nabawu-2 baseChina.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa