‘Angiludingi mina usizo lwemenenja’
AKAYIZWA indaba yezimenenja (agents), uHlompho Kekana ongukaputeni weMamelodi Sundowns.
Ngokusho kwale njini yamaBrazilians enqobe isicoco seCAF Champions League ngo-2016, neseCAF Super Cup ngo-2017, selokhu yaqala ibhola elikhokhelayo ayikaze isebenzisane nezimenenja, kunalokho ithembele ekhonweni layo eyaliphiwa uMdali.
UKekana ukusho lokhu ngesikhathi eyala ebadlali emcimbini weSAB Under 21 National Championship, ngoLwesine ebusuku eGreyville, eThekwini ngesikhathi kunesidlo sasebusuku.
UKekana ubeyisimenywa esiqavile ehambisana nomqeqeshi weBloemfontein Celtic uSteve “Mphathi” Komphela asebenzisane naye eminyakeni edlule eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu-23.
“Selokhu ngaqala ukudlala ibhola elikhokhelayo angikaze ngibe nemenenja. Mhlawumbe-ke yingakho ngingalitholanga iqembu elikhulu phesheya kwezilwandle. Ngokwami ukubona izinto ezingenziwa yimenenja izenzela mina ngingakwazi ukuzenzela zona ngakho angiyidingi. Izimenenja azidlali futhi akuzona ezithwala kanzima enkundleni kuba yithina badlali.
“Ezikwenzayo nje qha, ukukhuluma isiNgisi esikhulu kuphele kanjalo. Ngingakhuthaza abadlali abancane ukuthi banganciki ezimenenjeni ukuthi zibenzele izinto. Ngekhono labo bangaya noma kuphi lapho befisa khona,” kusho uKekana.
UKekana uqale ukuduma ebholeni elikhokhelayo kwiBlack Leopards.
Usedlale kwiSuperSport United neBloemfontein Celtic njengoba esegijimela iSundowns.
Uzakhele igama kubalandeli bakanobhutshuzwayo ngokuqhulula amagoli ekude.
Elinye lawo walishaya ngo2016 edlalela iBafana Bafana ngesikhathi ibhekene neCameroon. Lelo goli lamfaka emiklomelweni yeFIFA kumunxa wegoli elivelele emhlabeni iFIFA Puskás Award.
Ukhuluma kanjena nje uKekana ngezimenenja, enye yazo uTim Sukazi weQuality Talent Sports, uvume icala lokukhwabanisa intengo okudayiswa ngayo abadlali.
USukazi uvume leli cala evalelwe ekhoneni abeCompetition Commission South Africa ephenya okubheke eceleni ezinkampanini ezibhekele izindaba zabadlali.
Ezinye izinkampani ezisaphenywa iSAFIA: Pro Sport International; Siyavuma Sports Group; The Players Club; Bidvest Media (Pty) Ltd (esebenzisa igama iMSC Sports; Prof ’ Sionalz Marketing and Management; JDR Consulting; P Management; Musawenkosi Arthur Dlamini; Tebogo Taunyane Hlapolosa; GS Sports Agency; Erika Bester; Sierra Sports Agency, KN Sports, Bheki Khathide; Liberate Resources; Eclectic Sports Management; On the Ball Sports Management; Touchline Sports Management; True Ambition Sports Management; Eliot Nzama; Ben Kokela; ETM Sports Management; Sports Midfield Agency; Alex Bondarenko; Mede8 Sports; New Generation Sports Management; Abelsam Sports Management; Cape Colosseum Management; Sipho Shaven; MVP Sports Management International; Modhouma Holding; Gladwin Mpho Diokane; Vasili Barbis; Phelele Mkhize neMS Sport Management.