Uselufake kubameli olwakhe ne-ASA
UMPETHA wabesifazane weComrades Marathon, u-Ann Ashworth, uveze ukuthi uselufake kubameli udaba lokubekwa kwakhe amacala yi-Athletics South Africa (ASA) emsabisa ngokumephuca isicoco uma kugcina kumbhedela.
U-Ashworth, waseKapa, odle umhlanganiso emjahweni walo nyaka obusuka eMgugundlovu uphelela eThekwini ngoJuni, uqinisekisile ukuthi uyitholile incwadi evela kwi-ASA emazisa ngamacala embeka wona.
“Yebo ngiyitholile incwadi eqhamuka kubameli bami. Ngizothatha izinyathelo zomthetho. Ngizozivikela emacaleni engibekwe wona engibona ukuthi ayindlela yokungesabisa,” kusho u-Ashworth oyi-advocate ngomsebenzi.
U-Ashworth, ogijimela iMassmart Athletics, ubeliphethe iphepha elinamacala abekwe wona.
Kuthiwa uphule imithetho ye-ASA, waphinde wacekela phansi isithunzi sayo nomdlalo wezokugijima. Isizathu esibekwayo esokuthi wabhala kabi nge-ASA ezinkundleni zokuxhumana.
Waphinde wabhala kabi kwiblog yakhe ngebhodi ye-ASA nangezinye izikhulu zayo. Usolwa nangokukhuluma nabezindaba lapho enza khona izinkulumo ezehlisa isithunzi sezikhulu zenhlangano eyengamele ezokugijima.
Kuthiwa wabuye wanxusa amalungu omphakathi nabagijimi ukuthi babhikishele i-ASA. Uqhubekile nalokhu phezu kokuthi esedonswe ngendlebe ukuthi angakwenzi.
Elinye icala abekwe lona elokuthi wagijima kwiComrades Marathon “engaphansi kwe-ASA” engenayo ilayisensi efanele, “okuyinto ephambene nemithetho ye-ASA”.
Kuthiwa-ke uma kutholakala ukuthi u-Ashworth wayebhalise ngokufanele ukuthi angagijima kwi-Comrades, elinye icala abekwe lona elokwenqaba ukuyomela iNingizimu Afrika kwi-100km World Championship eseCroatia ngoSepthemba.
U-Ashworth wathi: “Ngiyabonga @ASAathletics kodwa kumele ukuthi uqale ulekelele abagijimi bamabanga amade ngemali nokunye. Angijabule ngokuthi ngiyogijima imidlalo ngimele iNingizimu Afrika.” Wathi yena akazimisele ngokusetshenziswa.
Wabuye wanxusa nabanye ozakwabo ukuthi bazwakalise ilaka labo ngokungalutholi uxhaso kwiASA. Izolo ongumxhumanisi we-ASA nabezindaba, uSifiso Cele, akazange aluphike noma alivume. “Egameni le-ASA ngithi asinakho ukuphawula. Noma ngabe ikhona into enjalo akuyona into esingayikhuluma kwabezindaba,” kusho uCele.