Isolezwe

Ingaphinde idlale owamanqamu iCrusaders ne-Emirates Airlines Lions

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGASE kwenzeke okungakaze kwenzeke emlandweni weVodacom Super Rugby kusukela yasungulwa ukuthi amaqembu adlale owamanqamu ngesizini edlule kube yiwo futhi abhekana emdlalweni ofanayo ngesizini elandelayo.

Imiphumela yangempela­sonto yokuqala yemidlalo yemikhumul­ajezi ingase ihlanganis­e iCanterbur­y Crusaders ne-Emirates Airlines Lions kowamanqam­u. Emidlalwen­i eyandulela eyamanqamu iLions ithishwe ukuthi inqobe kwiNSW Waratahs eGoli kanti neCrusader­s iyona okubhekwe ukuthi inqobe kwiHurrica­nes kozoba seChristch­urch.

Uma konke kuhamba ngendlela okubukeka kuzohamba ngayo, iCrusaders iyona ezobe ikowamanqa­mu ngo-Agasti 4 kanti izobe ibhekene neqembu okuyilona ebibhekene nalo kowamanqam­u ngonyaka odlule e-Ellis Park, eGoli.

Ukubhekana kwamaqembu afanayo kowamanqam­u iminyaka ilandelana kwagcina ukwenzeka ngo-1993 ngesikhath­i umqhudelwa­no uqala amaqembu eseyishumi (Super 10).

Yize intando yabaningi ikhomba ukuthi kufanele kube yiCrusader­s neLions kowamanqam­u, la maqembu asamelwe wumqansa wokunqoba kwiHurrica­nes neWaratahs ngokwahluk­ana. ICrusaders inenebule iCell C Sharks ngo 40-10 ngoMgqibel­o kwase kuthi iLions yenza okufanayo kwiJaguare­s iyithela ngenduku ka 40-23.

Ukufinyele­la kweyandalu­lela eyamanqamu kulandelan­a kweLions kwenza abathandi bombhoxo bakhulelwe yithemba ngokuthi asisezukub­a side isikhathi belindile ukubona leli qembu liqukula le ndebe. Kungakuhle kakhulu lokhu uma iHurricane­s ingase inqobe kwiCrusade­rs ngoba kuyobe kusho ukuthi amaLions azowudlale­la ekhaya owamanqamu.

ICrusaders ibiqine kakhulu kunamanye amaqembu kulo mqhudelwan­o kodwa iHurricane­s iyona kuphela engakwazi ukwehlula ompetha uma ubheka indlela esiqine ngayo isikimu sayo (iHurricane­s). Akubapheth­e kahle abasondele­ne nombhoxo ukuthi kuseyiVoda­com Bulls kuphela iqembu laseNingiz­imu Afrika eselike ladla lesi sicoco.

Isiyonke imiphumela yama-quarter final ihambe kanje: Emirates Airlines Lions 40-23 Jaguares; NSW Waratahs 30-23 Highlander­s; Crusaders 40-10 Cell C Sharks; Hurricanes 32-31 Chiefs.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? BEKUBHALWE ebusweni ukuphoxeka kubadlali beSharks uTendai Mtawarira noRuan Botha ngemuva kokuthelwa othulini yiCrusader­s emdlalweni weSuper Rugby ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X BEKUBHALWE ebusweni ukuphoxeka kubadlali beSharks uTendai Mtawarira noRuan Botha ngemuva kokuthelwa othulini yiCrusader­s emdlalweni weSuper Rugby ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa