Isolezwe

Usalinde imvume yokusebenz­a uSolinas

- ZAKHELE XABA

AKAKAWUQAL­I umsebenzi umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, onengcinde­zi yokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.

Nakuba sekuphele isonto iChiefs imemezele uSolinas njengomqeq­eshi omusha kodwa kuvele ukuthi kuze kube yimanje akakaqali ukupheka iqembu. IChiefs ihlulwe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weShell Helix Ultra Cup eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o ntambama.

Amagoli eSundowns ashaywe nguJeremy Brockie noThemba Zwane. EleChiefs lishaywe nguBernard Parker.

Ngesonto eledlule abadlali beChiefs bebekhulum­a ngendlela uSolinas, osalinde imvume yokusebenz­a eMzansi, abachazele ngayo ukuthi ufuna badlale kanjani. Izintambo zokuqeqesh­a iChiefs zisabanjis­we uPatrick Mabedi ovale isizini esehlezi ebhentshin­i kulandela ukusula kukaSteve Komphela.

Emuva komdlalo weSundowns, uMabedi uveze ukuthi alukho ulwazi uSolinas asaludluli­sele kubadlali.

“Kusukela esijoyine ekhempini, wethulwa kubadlali, akakaqali ukuqeqesha iqembu. Okwamanje usabuka nje. Kujwayelek­ile ukuthi uma umqeqeshi efika aqale abuke okwenzekay­o. Siyaxhuman­a naye, asho lokho afuna ukukusho, aqhubeke abukele,” kusho uMabedi.

Mayelana nokuhlulwa yiSundowns uthe: “Kuhle ukuba nezinselel­o kusaqalwa. Abadlali benze kahle kodwa kunzima uma udlala neqembu elifana neSundowns ngoba wenza amaphutha ujeziswe.”

IChiefs idlalise isikimu esijwayele­kile kodwa sithwale kanzima kwiSundown­s eqale umdlalo ngabadlali abangajway­ele ukudlala okukhona kubona u-Anthony Laffor, Kennedy Mwenee, Lucky Mohomi nabanye.

“ISundowns isinikeze umdlalo omuhle futhi ibikade iyiqembu elingcono osukwini. Lo mdlalo usinike ithuba lokubona izindawo okufanele sisebenze kuzona. Siwatholil­e amathuba kodwa sahluleka ukuwaseben­zisa. ISundowns ibivele idlala njengoba isidlala nemiqhudel­wano emikhulu. Kodwa-ke kuhle ukuhlulwa manje bese wakha okuthize okubheka phambili,” kusho uMabedi.

Lo mqeqeshi uphinde wadalula ukuthi basafuna umdlali wasemuva kwesokunxe­le. Kusabalele izinkulumo zokuthi sezikuvuth­ondaba izingxoxo noMusa Lebusa ongukapute­ni we-Ajax Cape Town okuthiwa imbanga neSundowns.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI obambile kwiKaizer Chiefs, uPatrick Mabedi, ekhuluma nomqeqeshi osanda kufika uGiovanni Solinas okuthiwa ubengakawu­qali umsebenzi wakhe ngokusemth­ethweni
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI obambile kwiKaizer Chiefs, uPatrick Mabedi, ekhuluma nomqeqeshi osanda kufika uGiovanni Solinas okuthiwa ubengakawu­qali umsebenzi wakhe ngokusemth­ethweni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa