Isolezwe

Angingeni kwezemali, kusho uKomphela

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weBloemfon­tein Celtic, uSteve “Mphathi” Komphela, uthi azimxaki izinkinga zemali ezikhunget­he iqembu njengoba kuke kwateleka nabadlali ngenxa yokungahol­i.

UKomphela ujoyine iCeltic njengoba kuvalwe isizini ngemuva kokuhlala amasizini amathathu kwiKaizer Chiefs. Ubekhuluma nabezindab­a eGreyville eThekwini lapho ebeluleka abadlali abebehlang­anyele kwiSAB Under 21 National Championsh­ips.

“Leyo ndaba yihhovisi elibhekene nayo. Kunezinto ongeke ukwazi ukwenza lutho ngazo njengomqeq­eshi. Okwami ukuqeqesha bese bona bebhekana nakho lokhu okunye,” kusho uKomphela.

Mayelana nokuza eqenjini elinezinki­nga, uthe: “Ngihlezi ngisho ukuthi ngeke ufune umuntu ozoqhamuka nesisombul­ulo uma ingekho inkinga. Uma kukhona umqeqeshi ohambayo kumele kube khona ofikayo. Bayadingek­a abaqeqeshi.”

Inhloso yakhe enkulu kwiCeltic wukuthi akhe uzinzo kodwa futhi uyakuqonda nokubalule­ka kwemiphume­la.

Uthe umatasa namalungis­elelo okuqala kwesizini lapho ezobhekana khona neChippa United emdlalweni wokuvula. NgokwePrem­ier Soccer League (PSL) kulindelek­e ukuthi isizini ka-2018/2019 iqale ngo-Agasti 4.

Nokho kusasa i-Ajax Cape Town izonikela eNkantolo eNkulu yaseGauten­g iyofaka amaphepha okumisa ukuqala kweligi.

Udaba lumayelana noTendai Ndoro eyamdlalis­a yize ayesegijim­e kwamanye amaqembu amabili ngesizini edlule.

I-Ajax yalahlwa ngecala umehluleli weSafa, uWilliam Mokhari, kodwa yaluyisa enkantolo udaba yafike yayivuna ngokuthi kumele ibuyiselwe endaweni ka-15. Kodwa iPSL ikushaye indiva lokho imemezela ukuqala kweligi ngenyanga ezayo.

Ebuzwa ngalo mdonsiwano uKomphela uthe: “Angiyazi kahle ingqikithi yawo kodwa ngiyakholw­a wukuthi sineziphat­himandla ezifanele zizokwazi ukubhekana nayo. Iligi izoqala maduze ngoba okwamanje akukho okubheke eceleni esisakuzwi­le ngakho siyaqhubek­a namalungis­elelo njengokujw­ayelekile.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USTEVE Komphela oqeqesha iBloemfont­ein Celtic uthi akumphazam­isi ukuthi iqembu linezinkin­ga ezithinta imali
Isithombe: BACKPAGEPI­X USTEVE Komphela oqeqesha iBloemfont­ein Celtic uthi akumphazam­isi ukuthi iqembu linezinkin­ga ezithinta imali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa