Isolezwe

UJele akakadeli izindebe kwiBucs

- ZAKHELE XABA

USAFUNA ukuwina ezinye izindebe kwi-Orlando Pirates uHappy Jele, ukaputeni wayo othole umklomelo iChairman’s Award ngesonto eledlule.

IPirates kade inomcimbi wokuklomel­isa abadlali ngoLwesine olwedlule emuva kweminyaka wagcina ukuba khona. Ubusuku buphenduke obukaMusa Nyatama othole imiklomelo emithathu okuyiPlaye­r of The Season, Players’ Player of The Season neFans’ Player of The Season.

UJele, osehlale isikhathi eside kunabo bonke abadlali abakhona kwiPirates, usekubone konke. Ubekhona ngesikhath­i eZimnyama ziwola izindebe eziyisithu­pha kumasizini amabili. Waphinda wakhala nayo ngesikhath­i ihluleka ukungena kwiMTN8 ngesizini ka-2016/2017.

UJele uyakwazi ukuphoxeka behlulwa kowamanqam­u weCAF Confederat­ion Cup.

“Ngeke ngisho ukuthi sengizopha­nyeka amakhokho emgibeni. Ngisafuna ukudlala ibhola. Ngisafuna ukuwinela iqembu izindebe eziningi ngoba linginakek­ele ezikhathin­i ezinzima, langisiza kakhulu. Ngibona ukuthi likufanele ukuwina ezinye izindebe ngisadlala,” kusho uJele.

“Kuningi okungigqug­quzelayo ukuthi ngiqhubeke nokudlala ibhola. Izifundo engizithol­ayo usuku nosuku uma siziqeqesh­a ziyangigqu­gquzela. Ngingasho ukuthi eminyakeni edlule mhlawumbe bengingali­boni ibhola ngendlela ibhola eliyiyona manje. Sengilibon­a ngendlela ehlukile. Ngicabanga ukuthi yilokho okungenza ngiqhubeke nalo.”

UJele uyena kuphela umdlali owayekhona ngesikhath­i umqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic efika okokuqala kwiPirates. UMicho ubuyele kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 noRulani Mokwena, yashukuma.

EZimnyama ziqede isizini endaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiershi­p emuva kompetha iMamelodi Sundowns. Zizohambis­ana namaBrazil­ians emqhudelwa­neni iCAF Champions League. Lona umqhudelwa­no asho efika

uMicho ukuthi ufuna iPirates ihlale idlala kuwona.

“Ngicabanga ukuthi mkhulu umehluko kuMicho wamanje nalona wasekuqale­ni. Kuthiwa ngokuhamba kweminyaka nomuntu uyakhula. Naye ukhulile ebholeni. Ziningi izinto asifundisa zona. Yena benoRulani benza umsebenzi oncomekayo eqenjini,” kusho uJele.

“Kuyisibusi­so kimina ukudlalela iqembu elikhulu. Ngihlale ngizitshel­a ukuthi nginenhlan­hla ukudlalela iPirates iminyaka ewu-12. Kuyinto enkulu kimina.”

UJele, oneminyaka ewu-31, alikho elinye iqembu aseke walidlalel­a ezingeni elikhokhel­ayo ngaphandle kwePirates.

Ufike kuyona ngo-2006 nokuchaza ukuthi sekuphele iminyaka ewu-11 eyibambe kweZimnyam­a. Njengamanj­e uyena ogqoka ibhande likakapute­ni.

UThabo Matlaba, oke waba ngukaputen­i kwiBucs, ukhonjwa kwiChippa United lapho kuthiwa uzoya khona noThamsanq­a Sangweni benoBernar­d Morrison.

 ??  ?? UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, usazimisel­e ngokuwina ezinye izicoco neqembu ngaphambi kokuthi khumu
UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, usazimisel­e ngokuwina ezinye izicoco neqembu ngaphambi kokuthi khumu
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa