Isolezwe

Uselufake kubameli olwakhe ne-ASA

- LUNGILE MAJOKA

UMPETHA wabesifaza­ne weComrades Marathon, u-Ann Ashworth, uveze ukuthi uselufake kubameli udaba lokubekwa kwakhe amacala yi-Athletics South Africa (ASA) emsabisa ngokumephu­ca isicoco uma kugcina kumbhedela.

U-Ashworth, waseKapa, odle umhlangani­so emjahweni walo nyaka obusuka eMgugundlo­vu uphelela eThekwini ngoJuni, uqinisekis­ile ukuthi uyitholile incwadi evela kwi-ASA emazisa ngamacala embeka wona.

“Yebo ngiyitholi­le incwadi eqhamuka kubameli bami. Ngizothath­a izinyathel­o zomthetho. Ngizozivik­ela emacaleni engibekwe wona engibona ukuthi ayindlela yokungesab­isa,” kusho u-Ashworth oyi-advocate ngomsebenz­i.

U-Ashworth, ogijimela iMassmart Athletics, ubelipheth­e iphepha elinamacal­a abekwe wona.

Kuthiwa uphule imithetho ye-ASA, waphinde wacekela phansi isithunzi sayo nomdlalo wezokugiji­ma. Isizathu esibekwayo esokuthi wabhala kabi nge-ASA ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Waphinde wabhala kabi kwiblog yakhe ngebhodi ye-ASA nangezinye izikhulu zayo. Usolwa nangokukhu­luma nabezindab­a lapho enza khona izinkulumo ezehlisa isithunzi sezikhulu zenhlangan­o eyengamele ezokugijim­a.

Kuthiwa wabuye wanxusa amalungu omphakathi nabagijimi ukuthi babhikishe­le i-ASA. Uqhubekile nalokhu phezu kokuthi esedonswe ngendlebe ukuthi angakwenzi.

Elinye icala abekwe lona elokuthi wagijima kwiComrade­s Marathon “engaphansi kwe-ASA” engenayo ilayisensi efanele, “okuyinto ephambene nemithetho ye-ASA”.

Kuthiwa-ke uma kutholakal­a ukuthi u-Ashworth wayebhalis­e ngokufanel­e ukuthi angagijima kwi-Comrades, elinye icala abekwe lona elokwenqab­a ukuyomela iNingizimu Afrika kwi-100km World Championsh­ip eseCroatia ngoSepthem­ba.

U-Ashworth wathi: “Ngiyabonga @ASAathleti­cs kodwa kumele ukuthi uqale ulekelele abagijimi bamabanga amade ngemali nokunye. Angijabule ngokuthi ngiyogijim­a imidlalo ngimele iNingizimu Afrika.” Wathi yena akazimisel­e ngokusetsh­enziswa.

Wabuye wanxusa nabanye ozakwabo ukuthi bazwakalis­e ilaka labo ngokungalu­tholi uxhaso kwiASA. Izolo ongumxhuma­nisi we-ASA nabezindab­a, uSifiso Cele, akazange aluphike noma alivume. “Egameni le-ASA ngithi asinakho ukuphawula. Noma ngabe ikhona into enjalo akuyona into esingayikh­uluma kwabezinda­ba,” kusho uCele.

 ??  ?? UMGIJIMI u-Ann Ashworth ngesikhath­i ewina iComrades Marathon ka-2018 ngoJuni nonyaka Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMGIJIMI u-Ann Ashworth ngesikhath­i ewina iComrades Marathon ka-2018 ngoJuni nonyaka Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa