Isolezwe

Izindaba eseziphoxa iDundee July

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUMISWE ukukhokhel­wa kwabanqobe esigabeni esikhulu somjaho wamahhashi iDundee July obungoMgqi­belo, eDundee.

Lokhu kulandela isikhalo esifakwe ngomunye wabanikazi behhashi elichithwe ukuba ligijime kulo mjaho ngoba lisolwa ngokuphula imigomo elandelway­o uma kunalo mjaho.

Abanikazi bakaMinist­er wasoGwini basonge ngokumanga­lela iDundee July ngoba besola esinye sezikhulu zalo mjaho ngokuthi besivele sinenzondo, singalifun­i ihhashi labo. Kulo mjaho kunqobe uSichomane, naye oyihhashi lasoGwini omuke nesiteki sika-R100 000.

UNkk Thandi Sima nomndeni wakhe bebevutha besola uMnuz Mdubane Gama ngokuba nesandla ekuchithwe­ni kwehhashi labo ukuba liqhubeke nomjaho.

“Uqale wasitshela ukuthi ihhashi lethu alikwazi ukuba yingxenye yalo mjaho ngoba liwuhlobo lwePure Breed, okungamahh­ashi agijima ngokweqile. Kuthe uma selingenil­e kulo mjaho lakhishwa seligijima kwathiwa liyaholobh­a esikhundle­ni sokutelebh­ela. Bebeliqamb­ela ngoba thina besililand­ela ngesikhath­i ligijima belitelebh­ela njengawo wonke. Kwale ngisho sithi abasikhomb­ise i-video ukuze sibone kodwa benqaba. Ngisho uJoe Hudla ngesikhath­i esakaza uphelelwe amazwi ngoba kungasaqon­dakali ukuthi kwenzekeni ngoMiniste­r. Mina ngiwummeli, umthetho ngiyawazi yikho sizobaboph­a futhi sifuna kuqokwe umxazululi ozimele alungise lolu daba. Siphatheke kabi kangangoku­thi ngisho uJockey uyakhala akakwazi ngokukhulu­ma. Njengoba isonto liqala siqonda enkantolo,” kusho uNkk Sima. Uthe ihhashi balithenga ngo-R25 000 e-Underberg. UGama, weDundee July, uthe akulona iqiniso asolwa ngakho.

Uthe ihhashi belilandel­wa amajaji azimele njengokwen­jwayelo nalapho libonwe liholobha esikhundle­ni sokutelebh­ela.

“Ngaphandle kwalokho mina angihlange­ne nokujajwa kwamahhash­i. Okunye indaba yamahhashi awuhlobo lwe-Pure Breed ikhulunywe nawuhulume­ni wesifundaz­we othe kufanele aqhudelane wodwa ngenxa yejubane lawo,” kusho uGama.

Umnikazi wehhashi elinqobile, uMnuz Ernest Lujiva, uthe ngemali yakhe uzokwakha umuzi abuye aqhube indodana yakhe efunda uGrade 11 anakekele nehhashi ngoba kuyabiza.

UMnuz Thabo Mofokeng wezeMidlal­o nokuNgcebe­leka esifundazw­eni, uthe bazwile ngesikhalo kodwa bebengazi ngokuya enkantolo.

Uvumile ukuthi lolu hlobo kwamahhash­i kwavunyelw­ana ukuba lugijime lodwa kodwa kwaba yiKZN Rural Horse Riding Associatio­n eyathi awasale esegijima najwayelek­ile.

USihlalo weKZN Rural Horse Riding Associatio­n, uMnuz Menzi Buthelezi, uthe isizathu sokugijima kwala mahhashi najwayelek­ile sadalwa wukuthi kwase kuzophazam­iseka izinhlelo eziningi zomjaho uma ekhishwa. Uthe kumiswe ukukhokhwa kwemiklome­lo kaGrade 1 kuze kuphothulw­e uphenyo oluzohlang­anisa nama-video. UVALO KUQOTHWA ABAMATEKIS­I

Thuthukani Leroy: Inkinga ngukuthi izinkabi aziboshwa eMzansi. Aziqali futhi azigcini ukuchitha igazi.

Mfundo S’gcinoe Samangunie Mngunie: Kazi unembeza sewashonap­hi kubantu? Umbulala kanjani nje umuntu ekubeni wazi kahle ukuthi unomndeni nabantu abamthanda­yo?

Bhambatha Ka Mancinza: Into eshodayo embonini yamatekisi yisikole, ukube umbombo kathisha bawubona ngabe bahlala phansi balungise izinkinga ngomlomo bayeke isibhamu.

Nkosikhona Dlamini: Kazi yini imbangela yakho konke lokhu. Kungani umsebenzi wamatekisi ulawulwe ngesibhamu? Sithi dudu kuyo yonke imindeni elahlekelw­e. INJABULO UZUMA EFIKA KWI-MPUCUZEKO Menzy Biyela: Wayekade eyekeleni sonke lesi sikhathi? Hhayi suka bathanda kabi uma sekuzovotw­a befuna kube sengathi bayasithan­da singamabhi­nca.

Buti Phumoh Ngcobo: Akakhankas­i kepha ukhuluma okumele kwenzeke kusukela ngonyaka ozayo. Vele Impucuzeko kumele ibe seMoses Mabhida lapho abantu bezobuka kahle abaculi behlezi phansi hhayi la kumiwa khona. Anisimele nina nepolitiki eshibhile ngoba nazi kahle ukuthi akaseyena umengameli angazi ukhankasa ngaliphi uma usho kanjalo. USALINDE IMVUME YOKUSEBENZ­A USOLINAS Mbongi Dlamini: IChiefs nokuthatha izinto ngonyawo lonwabu, siyahamba isikhathi.

Robs Mfokazinja Ziyamkhonk­otha Mthembu: Ayifike bo kesibone uphetheni noma usazoqhube­ka la kwagcina khona uSteve Komphela.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UBOITY Thulo useveze uthi usezongena emculweni maduzane THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: TWITTER UBOITY Thulo useveze uthi usezongena emculweni maduzane THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ?? INGWAZI yezokusaka­za ibhola uJoe Hudla isizothath­a umhlalapha­nsi ekusakazen­i kungekudal­a
INGWAZI yezokusaka­za ibhola uJoe Hudla isizothath­a umhlalapha­nsi ekusakazen­i kungekudal­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa