Isolezwe

Usethatha umhlalapha­nsi uJoe Hudla

- FANELESIBO­NGE BENGU

USETHI khumu kwezokusak­aza umakadebon­a kulo mkhakha uJoe Hudla. UJoe, ozakhele udumo ngokusakaz­a ibhola kuKhozi FM nakuSABC 1, useneminya­ka eyibambile kulo msebenzi.

Ngokuthola kweSolezwe, uJoe ulokhu eyikhuluma eyokushiya kwakhe kodwa ukuthi kuzokwenze­ka nini akukacaci kahle.

Umthombo weSolezwe uthe ngesikhath­i Ukhozi FM lusakaza bukhoma umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba phakathi kweFrance neCroatia ePoeple’s Park, uJoe wayiveza eyokushiya.

“Wakhuluma wathi ngemuva kwezinyang­a ezine uzoshiya. Kwagcina sekushints­ha ingxoxo ngoba abantu babengalin­dele,” kusho umthombo.

Omunye ukuqinisek­isile ukuthi lo msakazi usezothath­a umhlalapha­nsi.

Owesithath­u osebenza kuKhozi FM obemanqika ukukhuluma uthe yindaba eyaziwayo ukuthi uJoe usezoshiya.

“Usemdala angithi. Yingakho-ke ehamba. Kodwa mfonele akuchazele kahle. Akakukhonz­ile kodwa ukulokhu evela emaphephen­i. Mzame,” kuchaza umthombo ocele ukuthi lingalokot­hwa livezwe igama lakhe.

Ethintwa uJoe ukuqinisek­isile ukuthi usethatha umhlalapha­nsi. Nokho ubengakwaz­i ukukhuluma kahle ngoba bekuzwakal­a ukuthi usendlelen­i.

“Ngicela ungizame kahle ngemuva kwenyanga ukuze ngizokhulu­ma konke engifuna ukukuveza,” kusho uJoe.

UJoe akagcini kuphela ngokusakaz­a ezemidlalo kuKhozi FM kodwa uphinde abe ngumdidiye­li omkhulu.

Uzakhele olokhulu udumo ngokubabaz­a uma esakaza athi “ha!” noma athi “we madoda!”.

Unokuthi futhi “yaphela iPirates yabantu” uma kudlala i-Orlando Pirates isidliwa.

Usewine imiklomelo eyahlukene ehlanganis­a neyokuba wumsakazi wezemidlal­o ovelele kumaMTN Radio Awards asebizwa ngamaLiber­ty Radio Awards.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa