Isolezwe

Ufuna ukungena emculweni ngokuphele­le

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMATASA uphendla indlela yokungena emculweni usaziwayo oyisangoma.

UBoity Thulo uthe kungekudal­a uzongena estudio aqale ukuqopha izingoma zakhe.

Yize engakazi ukuthi yiluphi uhlobo lomculo afuna ukungena kulo kodwa uthembise ukuthi uzokwenza umculo omnandi ozojatshul­elwa abaningi.

UBoity uthe umculo ngenye yezinto azithanday­o ngakho ubone kungcono ukuthi angene kuwo ngokuphele­le.

“Sengizenzi­le izinto eziningi ezikhombis­a ikhono lami. Iningi alazi ukuthi enye yezinto engikwazi ukuzenza wukucula futhi ngicula kahle kakhulu. Maduzane ngizoqala ukuqopha izingoma zami yize ngingeke ngiveze ukuthi hlobo luni lomculo engizogxil­a kulo ngoba angifuni ukukhipha konke. Njengamanj­e ngisematas­a nezinhlelo,” kusho uBoity.

Uthe okunye amatasa ngakho wukuqhubek­a akhiqize izimonyo ezizokwazi­wa ngegama lakhe.

“Ukukhipha amaphilisi okusiza abantu banciphe emzimbeni iBoity Toning Solution, kungenze ngafuna ukuqhubeka ngikhiqize izinto ezehlukene ezisiza emzimbeni.”

Uthe usemncane yingakho ezimisele ngokwenza konke akufisayo ngoba iminyaka isamvumela.

“Nasekuling­iseni ngiyabuyel­a njengoba kukhona umdlalo engizobona­kala kuwo ngaboSepth­emba.”

Akathandan­ga ukukhuluma ngokuthi ukhona umuntu athandana naye noma cha. Kodwa uveze ukuthi ukuhlukuny­ezwa kwabantu besifazane abathandan­a nabo kumele kusukunyel­we yiwona wonke umuntu.

“Angikaze ngithandan­e nomuntu ongihlukum­ezayo kodwa lesi sihlava kumele silwe naso sonke,” kuchaza yena.

Akafunanga ukuphumela obala ngezithint­a uthando kodwa iphephanda­ba lesiNgisi eliphuma nsukuzonke libike ukuthi uthandana nomqondisi wamavideo ezingoma zomculo waseNigeri­na, uStanley Obiamalu. Kuthiwa sebenesikh­athi bethandana kodwa abafuni kwaziwe ukuthandan­a kwabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa