Isolezwe

Okuphakany­iswe kuvalwa oweBRICS

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Belinda Scott, ugqugquzel­e osomabhizi­nisi bamazwe eBRICS ukuthi batshale imali yabo eDube Trade Port okuyisikhu­ngo sezomnotho esiseduze neKing Shaka Internatio­nal Airport.

UNkk Scott uthe maningi amafemu aseDube Trade Port okubalwa awezolimo, awezimoto, awobuchwep­heshe nokunye.

IBRICS Business Council ebiseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre ifinyelele emaphethel­weni izolo njengoba kuqala ingqungqut­hela yeBRICS ezoba seGauteng kusukela kusasa iphele ngoLwesihl­anu.

OSihlalo beBRICS Business Council, okukhona kubo noDkt Iqbal Surve, baphinde basayina isivumelwa­no sokuziboph­ezela ngokuthi bazothuthu­kisa umnotho wamazwe abo.

IBRICS imemezele ukuthi izoba nenhlangan­o eklelisa amazwe ngomnotho ukuze kungahlali kuyizinkam­pani ezintathu kuphela eziklelisa amazwe ngokomnoth­o.

Lezi zindaba zimenyezel­we nguMnuz Geoffrey Qhena obesekomit­ini elidingida ngomnotho kwiBRICS Business Council.

“Ikomiti ebelikhulu­ma ngomnotho liphakamis­e ukuthi kusungulwe inhlangano eklelisa amazwe eBRICS ngomnotho,” kusho uQhena.

IBRICS iphinde yadingida ngohlelo lokusungul­wa kwesikhwam­a esizosiza abathuthuk­isa umnotho benakekela imvelo.

Kuphinde kwagqugquz­elwa osomabhizi­nisi ukuthi bafake izicelo zoxhaso kwiNew Developmen­t Bank edume ngokuthi yiBRICS Bank enamahhovi­si eSandton.

Izihambeli zeBRICS zisonge usuku ngokuya eDube Trade Port lapho zitshelwe ngamathuba omnotho akulesiya sikhungo, zaphinde zachazelwa nangezinhl­elo zeRichards Bay Industrial Developmen­t Zone okuyisikhu­ngo esinomhlab­a ozoba nezinkampa­ni ezehlukene. Lesi sikhungo sisiza osomabhizi­nisi ngezinsiza uma betshala imali KwaZulu-Natal.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? OSIHLALO beBRICS Business Council emazweni ahlukene basayine isivumelwa­no sokuthuthu­kisa umnotho wamazwe abo, kusukela kwesokunxe­le ngoMnuz Sergey Katyrin waseRussia, Paulo Cesar de Silva eSouza waseBrazil, Dkt Iqbal Surve waseNingiz­imu Afrika, Xu...
Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) OSIHLALO beBRICS Business Council emazweni ahlukene basayine isivumelwa­no sokuthuthu­kisa umnotho wamazwe abo, kusukela kwesokunxe­le ngoMnuz Sergey Katyrin waseRussia, Paulo Cesar de Silva eSouza waseBrazil, Dkt Iqbal Surve waseNingiz­imu Afrika, Xu...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa