Isolezwe

Sebezosesh­wa abathenga kwaWoolies

- BONISWA MOHALE

SEBEZOSESH­WA abantu abangena ezitolo zakwaWoolw­orths, eThekwini, emuva kokwanda kwezigamek­o zamabhomu ezitolo zawo ezikuleli dolobha.

AbakwaWool­worths bazwakalis­e ukukhathaz­eka ngokuthola­kala kwamabhomu ezitolo zabo ezisePavil­ion, Gateway nesisenkab­eni yeTheku.

Abophiko lwezokuxhu­mana kwaWoolwor­ths batshele Isolezwe ukuthi bazoqinisa ezokupheph­a ezitolo zabo futhi amakhasime­nde azokubona lokhu.

“Sikhathaze­kile ngezigamek­o zamabhomu ezenzeka ezitolo zethu eziKwaZulu-Natal nakwezinye izindawo zakulesi sifundazwe. Sesiqale uhlelo lokuthi uma umuntu engena esitolo kube nobuchweph­eshe obubheka ukuthi akukho yini okuyingozi akuphethe. Lokhu sikwenzela ukuphephis­a amakhasime­nde ethu nabasebenz­i,” kusho abophiko lwezokuxhu­mana esitatimen­deni.

Bebuzwa ukuthi bangathini kumakhasim­ende abo asesaba ngisho ukubeka unyawo ezitolo zakwaWoolw­orths, bathe basebenzis­ana namaphoyis­a, oKlebe futhi kunethimba labo langaphaka­thi eliphenya izigameko zokutshalw­a kwamabhomu kulezi zitolo.

“Amakhasime­nde ethu sicela ehlise umoya aqhubeke eze ezitolo ngesikhath­i sisaphenya ngalezi zigameko.

“Siyawathem­bisa ukuthi senza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi aphephile. Kuzokwenze­ka ukuthi aseshwe uma engena ezitolo zethu ngoba sifuna ukuthi ahlale ephephile. Sicela abekezele aqonde ukuthi siqinise ezokupheph­a ngenxa yezigameko zakamuva,” kusho abakwaWool­worths.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi woKlebe, uthe basebenza kanzima ukuthola isixazulul­o enkingeni yokutshalw­a kwamabhomu neyokusabi­sa ngokuthi kunamabhom­u angase aqhume.

Ukhumbuze abantu ukuthi kuyicala ukusabisa ngebhomu elingekho futhi owenza lokho uzovalelwa ejele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa