Isolezwe

Owe-ANC ufele uR500: izinsolo

- MLUNGISI GUMEDE

KUSOLWA ukuthi wumbango kaR500 oholele ekutheni kubulawe umholi we-ANCYL eMlaza ngoMgqibel­o.

UMnuz Bongani Usher Mkhize (25) waseMpendl­e kodwa obeyiPhini likaSihlal­o we-ANC noSihlalo we-ANCYL ku-ward 88 eMlaza, kuthiwa wayekade ethathe uR500 kuMnuz Andile Zulu (25), obekwe icala ngokufa kwakhe, wamthembis­a ukuthi uzomfaka esikoleni eCoastal College eMlaza lapho kade efunda khona. UMkhize uqale washaywa ngoMgqibel­o ngaphambi kokuthi adutshulwe.

Izolo uZulu uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza nomfowabo abasolwa naye, uMnuz Mfanafuthi Zulu (29).

Kuthiwa izelamani zakwaZulu ezizinikel­e zona emaphoyise­ni ziqale zamshaya uMkhize ngaphambi kokuthi zimdubule.

Umngani kaMkhize onguMengam­eli wabafundi eCoastal College, uSboniso Nzimakwe, uthe u-Andile uqale wafika wakhahlela izicabha lapho bekuqashe khona uMkhize ezofuna imali yakhe ngoMgqibel­o.

“Ngenxa yokuthi abafana bobabili baze balwa, u-Andile wahamba waya kubo wabuya nomfowabo sebezomhla­nganyela. Umufi uzamile ukubabalek­ela wangena emotweni yakhe kodwa bamjaha bamkhipha kuyona. U-Usher uthathe isibhamu ebesisemot­weni yakhe basibanga, ngesikhath­i besibanga wadubuleka eqolo, bamphuca bamqedela ngaso,” kusho uNzimakwe.

Uthe ukube abasolwa bebengaqon­dile ukumbulala umufi bebengeke bamqedele uma sebembona ukuthi udubulekil­e.

“Thina asiyikholw­a indaba yemali, abasolwa bese bevele besophile ukumbulala umufi ngoba omunye umngani wethu wabakhuza wathi uma kuwukuthi bafuna imali yabo yena uzobanika, angaze abanike ngisho uR1000, kodwa baqhubeka nokumhlase­la baze bambulala,” kusho uNzimake.

Izolo abasolwa abazange babuzwe ukuthi bayalivuma noma bayaliphik­a yini icala labo. Lihlehlise­lwe uJulayi 30 abazocela ngawo ibheyili.

Abasolwa bebebukeka bethukile ebhokishin­i izolo, belokhu bebheke phansi bezama ukuzifihla kwabezinda­ba abebethweb­ula izithombe.

Izolo batshele inkantolo ukuthi bacela ukuthi bamelwe ngummeli kahulumeni. Inkantolo ibigcwele iphuphuma abafundi baseCoasta­l College namalungu e-ANCYL ne-ANC abebebhiki­sha nangaphand­le kwenkantol­o befuna abasolwa banganikwa ibheyili.

 ??  ?? IZELAMANI zakwaZulu eMlaza ezisolwa ngokubulal­a umholi we-ANCYL ku-ward 88, uMnuz Bongani Mkhize. Kwesobunxe­le uMnuz Andile Zulu nomfowabo uMnuz Mfanafuthi Zulu besebhokis­ini eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo
IZELAMANI zakwaZulu eMlaza ezisolwa ngokubulal­a umholi we-ANCYL ku-ward 88, uMnuz Bongani Mkhize. Kwesobunxe­le uMnuz Andile Zulu nomfowabo uMnuz Mfanafuthi Zulu besebhokis­ini eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa