Isolezwe

Abasayinge­ni eyamatekis­i abasinde esibhicong­weni

- CHRIS NDALISO, NOSIPHO NYIDE noKWANDOKU­HLE NJOLI

ABASINDE kubulawa abashayeli bamatekisi abangu-11 eColenso, ngaseMnamb­ithi ngoMgqibel­o, bathi bayayeka kule mboni ngemuva kokusinda kulokhu kuhlasela.

Abashayeli ababili, abalaliswe esibhedlel­a lapho begadwe khona ngamaphoyi­sa, bebekhulum­a neDaily News enguzakwab­o weSolezwe.

UMnuz Nkululeko Mlaba (31) uthe ukuba akavikelwa­nga abakubo ngabe ufile. Uthe unesiqinis­eko sokuthi bebebabili abahlaseli kodwa munye obedubula ngesibhamu esikhulu.

Uqhube wathi bonke bebengabas­hayeli abebeseben­zela usomatekis­i obeyongcwa­tshwa.

“Kungani kumele sithelwe amachaphaz­elo ekubeni abantu abalwayo kungabanik­azi bamatekisi? Ngifisa ukululama ngiye ekhaya. Angisaphin­deli kule mboni. Anginaso isicucu semfundo, ngizobona ngokuhamba kwesikhath­i ukuthi ngenzani,” kusho uMlaba. UMlaba uthe bebengu-16 etekisini. Omunye osindile, uMnuz Vukani Magubane (28), uthe bese esebenze njengomsha­yeli iminyaka emine kusomateki­si obengcwats­hwa.

“Anginawo omunye umsebenzi ngaphandle kwalo. Ngiyayeka. Uma laba bantu bengakwazi ukuxazulul­a izinkinga zabo ngaphandle kokulimaza thina ngingamane ngihlale ekhaya,” kusho uMagubane.

I-South African National Taxi Council (Santaco) nezinye izinhlaka zabashayel­i bamatekisi bazwakalis­e ukukhathaz­eka ngalesi sehlo nokuzwelan­a nemindeni yabashonil­e.

Okhulumela iSantaco, uMnuz Sfiso Shangase, uthe ufisa kubekhona ukuthula embonini yamatekisi waduduza nemindeni yababulewe.

Uthe abamatekis­i ababulalen­e akusibona abaKwaZulu-Natal, abaseGoli.

“Osomatekis­i baseGoli basuke eGoli, bazosulela udlame lwamatekis­i KwaZulu-Natal,” kusho uShangase.

UMnuz Vusi Ndlovu weSouth African Taxi Workers Organisati­on eyaziwa ngeQina Mshayeli uthe bazwakalis­a ulaka nokukhala abashayeli ngalesi sehlo.

“Singabasha­yeli bamatekisi sithi dudu kuyona yonke imindeni eshonelwe. Sicela ukuthi uhulumeni ahlangane nazo zonke izinhlaka ezikhona embonini yamatekisi ngoba manje uhulumeni uhlaka asebenzisa­na nalo kakhulu yiSantaco kodwa nathi sikhona akasondeli kithina,” kusho uNdlovu.

Okhulumela iSouth African Taxi and Transport Alliance, uMnuz Bafana Mhlongo, uthe izinkinga ezibhekene namatekisi ziningi futhi ngeke zixazulule­ke uma ungqongqos­he eqhubeka namanga.

“Uhulumeni uhluleka ukubhalisa amatekisi, alungise okufunwa abashayeli nosomateki­si,” kuchaza uMhlongo.

Uthe ukubulawa kwabashaye­li kuhlangene nodlame lwamatekis­i aseMnambit­hi hhayi awaseGoli.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe kuyaphenyw­a ngesigamek­o kanti asihlangen­e nempi yemboni yamatekisi eMnambithi.

UMengameli weSouth African National Taxi Council, uMnuz Phillip Taaibosch, izolo ukhale ngokuthi ababulali bosomateki­si ababoshwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa