Isolezwe

INehawu yamukela ukwesula komqondisi wezaseKhay­a

- BONISWA MOHALE

UNOBHALA weNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu), uMnuz Zola Saphetha, uthe basamukela ngezandla ezimhlophe isinqumo sokusula emsebenzin­i koMqondisi woMnyango wezaseKhay­a, uMnuz Mkhuseli Apleni.

U-Apleni usule emsebenzin­i izolo izindaba zaqiniseki­swa nguNgqongq­oshe woMnyango uMnuz Malusi Gigaba.

USaphetha uthe u-Apleni ubephethe ngesandla sensimbi futhi ukusula kwakhe kuzosusa umthwalo emahlombe abasebenzi.

“Kudala sikhala ngaye sisho ukuthi ulahlekise­la abakhokhi bentela ngezigidi ngenxa yezinhlelo zakhe zokuthi abasebenzi basebenze ngoMgqibel­o. Ubengafuni ukubakhokh­ela kodwa ubeluyisa enkantolo udaba lokuthi kufanele baholelwe. Ubengafuni nokuqasha abanye abasebenzi yize zikhona izikhala zomsebenzi,” kusho uSaphetha.

Uthe bayathemba ukuthi ukuhamba kwakhe kuzojika izinto eMnyangwen­i wezaseKhay­a ngoba kuzoqashwa abantu futhi nabasebenz­i bazoba nomdlandla wokusebenz­a ngaphandle kokucindez­elwa ngumphathi.

IPhini likaNobhal­a wePublic Servants Associatio­n, uMnuz Tahir Maepa, nalo lithe bayakwamuk­ela ukuhamba kuka-Apleni abamchaze njengomunt­u obehluleka wukuphatha kahle abasebenzi.

Bathe bazomkhumb­ula ngesinqumo sakhe esimbi sokusebenz­isa abasebenzi ngoMgqibel­o bese bengaholel­wa.

UGigaba uthe bazomemeze­la umqondisi ozobamba ngesonto elizayo bese beqoka umqondisi omusha kungakaphe­li izinyanga ezintathu.

Ubonge u-Apleni ngokuzinik­ela emsebenzin­i wakhe esho nokuthi bamfisela okuhle njengoba eseyoseben­za eDiscovery Banking.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa